MAGAYE CELE

IMEYA yedolobha iTheku uKhansela Mxolisi Kaunda uthi njengoMkhandlu bazokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi azibi khona izenzo zobugebengu kuleli dolobha.

Ngokusho kukaKhansela uKaunda into eseqhulwni kubona njengobuholi obuphezulu boMkhandlu iTheku ukwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi leli dolobha liba yindawo engenabo ubugebengu.

Ukunqandwa kobugengu ngaphakathi kuleli dolobha uKhansela uMxolisi Kaunda uthi kusho ukukhululeka kwezivakashi kanjalo nje nanabahlali bakulona idolobha.

UKaunda uthe yingakho nje ngokusebenza ngokubambisana nohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal begcine bethatha isinqumo sokuthi bethule uhlelo lokuphepha.

Uthe batshale inqwaba yamaphoyisa ngaphakathi edolobheni iTheku ngoba bayakuqonda ukubaluleka kokuba izivakashi kanye nabahlali bakuleli dolobha bazizwe bephephile ngaso sonke isikhathi.

Echaza kabanzi ngalokhu uKhansela uMxolisi Kaunda uthe: “Yingakho njengoMkhandlu wedolobha iTheku sigcine sesithatha isinqumo esiphusile sokuthi simane sethule uhlelo lezokuphepha kuleli dolobha. Lokhu ke sibone kungcono kakhulu ukuba simane sikwenze ngokubambisana nohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal.

UKhansela uKaunda uthe akangabazi nje nakancane ukuthi idolobha iTheku kancane kancane lizogcina liyindawo engenabo ubugebengu futhi ethakaselwa ngabantu abaningi ukuhlala kuyona ikakhulukazi izivakashi ezivela eziFundazweni ezahlukene ezikhona kuyona yonke iNingizimu Afrika.

IMeya uKaunda uthe okumchazayo kakhulu ukuthi lubonakala luthela izithelo ezinhle kakhulu uhlelo lwabo loMkhandlu weTheku lokuthi kutshalwe inqwaba yamaphoyisa ngaphakathi kuleli dolobha.

Uthe amaphoyisa oMkhandlu weTheku kanye namaphoyisa akwaSAPS basebenza ngokubambisana ngenhloso yokugcina idolobha iTheku liyindawo engcono futhi engenabo nje nhlobo ubugebengu.