MAGAYE CELE

ISILO Samabandla iNgonyama uMisizulu kaZwelithini sesiphumele obala sezwakalisa ukukhathazeka kwaso okukhulu mayelana nesihlava esigubazele isiFundazwe saKwaZulu Natal sokubulawa kwezingane kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

INgoyama uMusizulu ithe kuyayikhathaza kakhulu ukubona zanda kakhulu izehlakalo ezibikwayo ezimayelana nokubulawa kwezingane ezincane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

UBayede uthe ngokosiko lwamaZulu kuyichilo uqobo lwalo ukubulawa kwezingane ezincane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. 

Ngenxa yaleso sizathu yathi kukhona okumele kwenziwe ngokukhulu ukushesha lokhu ngenhloso yokunqanda lesi simo esibonakala siphuma esandleni.

Siphawula ngalokhu iSilo Samabandla sithe: “Ukukhuluma iqiniso nje izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nokubulawa kwezingane ngenye yezinto okumele zibonakale zinqandeka esizweni sethu. Asikwazi ukuthi sithule ekubeni kunesimo esinjengalesi esibonakala siwuhlalise lubhojozi umphakathi wakithi.”

INgonyaka ithe iyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi ziningi kakhulu izinkinga ezibonakala zigubazele isizwe esiMnyama.

Yathi kodwa nakuba kunjalo kukhona okumele kwenziwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokubulawa kwezingane yizinto ezibonakala zishabalalisa okwamazolo ebona ilanga.

UBayede uthe ngokubambisana phakathi kwawo wonke amalungu omphakathi ukholwa ukuthi lesi simo sisenganqandeka ngokukhulu ukushesha lokhu.

Uthe kodwa konke kuncike ekutheni kungakanani ukusebenzisana okuba khona phakathi kwabo bonke abantu ukuze kuliwe nalesi sihlava.

“Ngikhuluma nje kulo nyaka esisanda kuwusonga kuvele kwaqubuka izigameko eziyinkinga eziningi ezingezinhle. Kodwa ke okumqoka kakhulu ukuthi sonke sibambisane senze isiqiniseko esikhulu sokuthi ziyanqandeka zonke izinkinga ezibonakala ziyinkinga enkulu kumalungu ethu omphakathi,’’kuchaza uBayede.