SECHABA MAKORO

UMASIPALA waKwaDukuza ufisa abantu bahloniphe amaxhaphozi njengoba ngoLwesihlanu bewubungaza usuku obelugujwa umhlaba wonke olwaziwa nge-World Wetland Month njengoba abantu uma kuwululo suku baye baphume ngobuningi babo bahambe bayohlanza amadamu basuse imfucuza elahlwe kuwona ngenhloso yokunakekela imvelo.

Lo masipala olwalonyaka usuku lwe-World Wetland Month ulwenze laba umkhankaso wokufundisa kabanzi abantu ngokunakekela amaxhaphozi nokubakhuthaza ngokuthi bawahloniphe njengoba ebambe elikhulu iqhaza kwimvelo. Ukhuze abantu ngokulahle izibi emaxhaphozini ngoba bebona sengathi yindawo engenamsebenzi walutho. Uthi lokhu kulahla imfucuza endaweni engafanelekile njengawo nje amaxhaphozi kungukunukubeza imvelo kwazise kukhona izilwane eziphila khona kanjalo nezitshalo ezigcina ziphazamiseka uma sezikhula kumbe ziphila nezinto okungafanele ukuba zibe phakathi kwazo.

Nonyaka lolusuku olugujwa emhlabeni wonke beluxhaswe yi-United Nations World Wetland ngaphansi kwesiqubulo ebesithi “It’s Time for Wetland Restoration” okutolikwa njengokufundiswa kwabantu ukubukeza amaxhaphozi. 

Esitatimendeni esikhishwe wuMasipala waKwaDukuza sithe kusemqoka ukuphumela emphakathini kufundiswe ngobumqoka bokunakekela amaxhaphozi ngoba ayingxenye yemvelo futhi kunezitshalo nezilwane eziphila kuwona. “Ngasohlangothini lwe-United Nations Environment Programme i-World Wetlands Day kuhloswe ngalo ukuqhuba umkhankaso emhlabeni wonke wokufundiswa kwabantu ngokuhlobana kwemvelo nomkhathi okufaka phakathi nawo amaxhaphozi njengoba nawo eyimvelo ngokwawo. Emhlabeni wonkana cishe ngu-90% wamapxhaphozi anganakekelwe kusukela ngeminyaka yawo-1700. Lokho kungabangelwa ngukunganakwa kwawo njengoba kuvela  ukuthi amaxhaphozi amaningi abantu kabawanakile. Amaxhaphozi abambe iqhaza elikhulu kwimvelo kwazise kunamanzi aphuma kuwona agcina esetshenziswa ngabantu. Ngokubambisana nawo wonke umuntu emhlabeni jikelele kungathela izithelo ezinhle ngokuqonda ubumqoka bokubaluleka kwamaxhaphozi emhlabeni esiphila kuwona,” sisha kanje.