SECHABA MAKORO

KWETHULELWE umphakathi owakhele uMasipala waKwaDukuza osigaxamande abane basemaphoyiseni njengohlelo loMnyango wezokuPhepha koMphakathi lokuqinisekisa inhlalakahle kubona bonke abantu abakhele iKwaZulu-Natal okuisifundazwe nokho esingekho emsileni ngokuba nesibalo esiphezulu samacala abikwe kwezinye zeziteshi zamaphoyisa.

Kubalulwe ukukhula ngamandla komthamo wabantu abakhele uMasipala waKwaDukuza njengengcindezi emaphoyiseni kwazise bakhula ngesikhathi izinsiza kusebenza zamaphoyisa zingenele ukuze bonke abantu bathole ukuvikeleka njengelungelo labo elikumthetho-sisekelo wezwe laseNingizimu Afrika. Lokhu kuvele ngeledlule emhlanganweni waminyaka yonke wamaphoyisa obuKwaDukuza Town Hall. 

UColonel Mxolisi Linna wamaphoyisa aKwaDukuza wethule okhomanda abane kulomhlangano ngenhloso yokuqinisekisa ezokuphepha emphakathini wonke owakhele uMasipala waKwaDukuza. Kuthiwe ukwethulwa kwalabokhomanda kungukunanela ikhwele lomphakathi ofisa ukuba kwengezwe amaphoyisa kwazise nobugebengu kabuzibekile phansi ezindaweni eziningi kulezi nsuku. Ukhomanda ngamunye uzonikezwa i-cellphone kahulumeni inombolo yayo ezokwaziwa ngamalungu omphakathi ukuze kuxhunywane naye uma kunesidingo kumbe isimo esidinga ukuba sixazululwe ngabezokuphepha komphakathi. “Sikholwa ukuthi ngokwenzenjalo kuzokuba lula ukuba umphakathi uxhumane nohlaka lwethu ukuqinisekisa ukuthi uphephile. Lezinombolo zamaphoyisa ezizokwaziwa nawumphakathi sicela abantu bazisebenzise kahle kube ukuthi kuxhunywa amaphoyisa ngoba kunesidingo ngempela futhi edingeka ukuba angenelele. Sicela umphakathi ungadlali ngalezinombolo ngobal okho kuzobe kungukusebenzisa budedengu impahla kahulumeni,” kusho yena.

Uhlaka lokuqala luzoholwa nguSgt Sandile Zavala oluzobheka izindawo ezifana neGledhow, eNkukhwini, eChris Hani, eMelville, eDube Village naseThembeni. Kube oluzoholwa nguSgt Makhathini lona oluzobheka eMalende, eHangoes, eGroutville, eNtshawini, eLloyd, Townview, eRocky Park, eShombela naseGlenville. Olwesithathu luzoholwa nguCapt Manivasagen Perumal lona luzobheka edolobheni KwaDukuza, eShakaville, eMonkey Town, eStanger Manor, eKearsney, eZinkwazi, eBlythedale naseNonoti. Olwesine lokugcina luzobheka uW/O Eric Masondo luqaphe izindawo ezingamapulazi naseSakhamkhaya, eMadundube naseNonoti School.