SECHABA MAKORO

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMnotho,EzokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal ophathiswe uMnu Siboniso Duma sewuxwayise osomabhizinisi abasafufusa bakulesi sifundazwe ukuba baqaphele osomathuba asebesabalalise izindaba ezingelona iqiniso ezithi i-Operation Vula Fund seyivule iminyango yokuxhasa osomabhizinisi.

Kuthiwa lezi zindaba ezingelona iqiniso zisabalale nezinkundla eziningi zezokuxhumana zitshela osomabhizinisi ukuba sebengabhalisela ukuthola uxhaso lokuthuthukisa amabhizinisi oluza nabe-Operation Vula okuwuhlelo lukahulumeni lokulekelela osomabhizinisi abancane ngokukwazi ukuqhuba amabhizinisi abo.

UMnu Duma esitatimendeni esikhishelwe abezindaba ukuhlabile lokhu kokusabalalisa ulwazi olungesilona iqiniso kubantu ethu kuletha ukudideka kosomabhizinisi okungagcina ukuba bawakwe ngabantu abazibiza ngokuthi basebenzela i-Operation Vula bebe bekhohlisa abantu ngoba bazi ukuthi baludinga ngempela usizo lokuthuthukisa amabhizinisi abo. “Sekuhambe kwafika kithina ukuthi kukhona asebesabalalise ulwazi olungamampungo lokuthi i-Operation Vula seyivule ihlandla lesibili lokuxhaswa kosomabhizinisi abancane ukuze baqhube amabhizinisi abo. Lezi zindaba ezingelona iqiniso futhi zidunga umqondo osomabhizinisi abafufusayo abasatabalasela ukuthola uzinzo ngamabhizinisi abo,” usho kanje.

UMnu Duma uthe umnyango awengameleyo uzibophezele ekulekeleleni osomabhizinisi abasakhasayo ekuthuthukiseni amabhizinisi abo. Uqinisekise ngokuthi umphakathi uyokwaziswa ngendlela esemthethweni uma uhlelo lwe-Operation Vula Fund seluvuliwe ukuze abantu babhalisele ukuthola uxhaso. “Sicela osomabhizinisi baqaphe bangathathi lonke ulwazi abaluzwayo ezinkundleni zezokuxhumana. Sifisa uukuthi uma kukhona abakuzwayo bazijwayeze ukuxhumana neminyango efanele kumbe ethintekayo kulolo hlelo ukuze abantu bathole iqiniso elipheleleyo ngalokho abasuke bekuzwile. Siwumnyango ozimisele ukuwa uvuka nosomabhizinisi abancane ngakho ukuqhamuka kwezindaba ezingelona iqiniso nge-Operation Vula Fund kuyasiphazamisa ezinhlelweni zethu zokuthuthukisa osomabhizinis abancane baKwaZulu-Natal,” kubeka uMnu Duma.