UMENGAMELI uMnuz Cryil Ramaphosa

MAGAYE CELE

UFUNA baphathwe ngendlela efanele oMasipala basesiFundazweni saKwaZulu Natal, uMengameli wakuleli, uMnuz Cryil Ramaphosa.

UMengameli uRamaphosa uveze lokhu ngesikhathi ehambele esiFundazweni saKwaZulu Natal. eSayidi lapho agcizelele khona kakhulu ukuthi oMasipala basesiFundzaweni saKwaZulu Natal kumqoka kakhulu ukuba bobanakale bephethwe ngendlela efanele ngaso sonke isikhathi.

UMengameli ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni usembhidlangweni wokuletha iPhalamnde kubantu cishe kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal.

Inhloso enkulu ngokulethwa kwePhalamende kubantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal kuthiwa kuhloswe ngakho ukuthi uhulumeni unikeze ithuba eliyingqayizivele amalungu omphakathi akulesi siFundazwe lokuthi bakwazi ukuthi bazwakalise zonke izinselelo ezibonakala zikhinyabeza inhlalonhle yabo.

IPhalamande lizobonakala likapakela cishe ezingxenyeni ezahlukene ezikhona kuzona zonke iziFunda ezikhona esiFundazweni saKwaZulu Natal esiholwa nguNdunakulu waso, uNkk Nomusa Dube Ncube.

“Kumqoka kakhulu ukuthi oMasipala baphathwe ngendlela efanele ukuze konke kuzobonakala kuhamba kahle. Lokho sizokwenza isiqiniseko sokuthi kuyabonakala kwenzeka esiFudazweni saKwaZulu Natal,’’kuchaza uMengameli wezwe, uMnuz Cryil Ramaphosa.

Eqhuba uMengameli uRamaphosa ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokuba oMasipala basesiFundazweni saKwaZulu Natal basetshenzelwe ngabantu ababonakala benolwazi olujulile ngokomsebenzi.

Lokho uMengameli uthe kumqoka kakhulu futhi kuyabalekelela kakhulu nabo oMasipala. Echaza ngalokhu uMengameli uRamaphosa uthe: “Akusiwona wonke umuntu okufanele abonakale esebenzela uMasipala. Kodwa iqiniso lithi kumele kube yilabo bantu ababonakala bewenza umsebenzi wabo futhi bewuqonda kahle.’’

UMengameli ukhulume nangokubaluleka kokuba kuphuthunyiswe izidingo zabantu emphakathini lokho kwenzeka ngaphandle kwezingqinamba ezithile.