UKhansela Lindiwe Nhaca uMeya waKwaDukuza

MAGAYE CELE

UMKHANDLU waKwaDukuza oGwini olusenyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal oholwa nguKhansela Lindiwe Nhaca uklonyeliswe ngenye yezindondo ezibalwa nezimqoka kakhulu koMasipala basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Lo Mkhandlu ongaphansi kwesiFunda seLembe esiholwa nguKhansela uThobani Shandu uhlonishwe ngendondo yeBest Maintenance Programme.

Le ndondo itholwa uMkhandlu osuke ubonakala ukwazi ukuthi ugcine ingqalasizinda yawo isesimweni esikahle ngaso sonke isikhathi okuyinto lo Mkhandlu wakwaDukuza onconywe kakhulu ngayo.

UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esiFundazweni saKwaZulu Natal wona oholwa nguNgqongqoshe, uDkt Ntuthuko Mahlaba yiwona kanye ohloniphe uMkhandlu waKwaDukuza.

UNgqongqoshe uDkt Mahlaba uthe kuyajabulisa kakhulu ukubona iMikhandlu eyenza izinto ezinhle futhi esebenza ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngaso sonke isikhathi.

UMahlaba ube esegqugquzela yonke iMikhandlu ekhona esiFundazweni saKwaZulu Natal ukuba yenze isiqiniseko esikhulu sokuthi ibonakala iqhubeka nokuthi ithuthukise izindawo zayo.

UMahlaba ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba yonke iMikhandlu yasesiFundazweni saKwaZulu Natal yenze okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iba yiMikhandlu engcono kakhulu.

“Ngikhuthaza bonke abantu abasebenzela iMikhandlu ekhona lapha esiFundazweni saKwaZulu Natal ukuthi baqhubeke nokwenza kahle ngaso sonke isikhathi ngoba lokho kubalulekile kakhulu futhi siyakukhuthaza njengoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal,’’kuchaza uNgqongqoshe uDkt Mahlaba.

Eqhuba uDkt Mahlaba uthe ube esenxusa zonke iziMeya zemiKhandlu yasesiFundazweni saKwaZulu Natal ukuba zenze isiqiniseko esikhulu sokuthi basebenzela abantu ngokwathembeka lokho futhi bakwenze ngaphandle kokuqhosha nokuziphakamisa.

Echaza uDkt Mahlaba uthe: “Sinxusa ukuthi bonke oNgqongqoshe bemiNyango kanye neziMeya zeMikhandlu zenze imisebenzi kahle ngaphandle kokuthi ziqhoshe.’’