UMPHATHISWA,uMnuz Siboniso Duma

MAGAYE CELE

ISIFUNDAZWE saKwaZulu Natal sisembhidlangweni wokulungisa zonke izinselelo ezikhinyabeza ezokuVakasha ukuze izivakashi zingeke ziphazamiseke ngesikhathi samaholidi.

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, ezokuVakasha kanye nezeMvelo, uMnuz Siboniso Duma.

UMnuz Duma ukhuluma kanjena nje yingoba zibonakala ziningi izinselelo ezingakhinyabeza ezokuVakasha kuluma holidi asesemome.

Phakathi kokunye okuseqhulwini uMnuz Duma athe kuzophela inyanga sekulungisiwe ngokushesha yingwadla yengqalasizinda ebonakala ingekho esimweni esikahle.

UDuma uthe bazokwenza konke okusemandleni abo njengohulumeni ezingeni lesiFundazwe ngesnhloso yokuqinisekisa ukuthi zilungiswa ngokushesha zonke izithiyo ezingaphazamisa ezokuVakasha kulesi sikhathi samanje.

“Sizokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle kakhulu ngesikhathi samaholidi esiFundazweni saKwaZulu Natal. Yingakho sithathe isinqumo sokuthi silungise ngokushesha zonke izingqinamba ezibonakala ziyinkinga ikakhulukazi mayelana nengqalasizinda,’’kuchaza uMnuz uDuma.

UMnuz Duma uthe noNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube wenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lesi siFundazwe kasiphazamiseki nje nhlobo uma sekuthutheleka izivakashi ngesikhathi samaholidi.

Uveze ukuthi sekunesigungu esibekiwe esizobhekelela ukulungiswa ngokushesha izinkinga ezimayelana nokungcola kwedolobha iTheku.

“Kunethimba elizobhekelela inkinga yokungcola okubonakala kuphazamisa kakhulu ezokuvakasha,’’usho kanjena.

UDuma uthe eqhulwini bazoqale benze isiqiniseko esikhulu sokuthi bayabheka ukuthi yiziphi izinto ezikhinyabeza ezokuVakasha ngaphakathi edolobheni, iTheku.

Uthe idolobha iTheku liyahlonishwa umhlaba wonke futhi libalwa namanye amadolobha aziwa umhlaba wonke.

Ngenxa yaleso sizathu uthe kumqoka kakhulu ukuthi kulungiswe ingqalasizinda yalo ukuze abavakashi ebeze kuleli dolobha bezobonakala bejabulile kakhulu ngesikhathi samaholidi.