Isithombe: Ubuphume ngobuningi bawo umphakathi ukuzizwela ngezinhlelonzentuthuko endaweni yawo. Isithombe sithunyelwe. 

Nokulunga Nxumalo

UMasipala wesiFunda iLembe uqhubeke nokuqinisa ubudlelwano nomphakathi ngesikhathi kubanjwa umhlangano wokubonisana ngezinhlelo zentuthuko eMandeni, lapho izakhamizi zaseWadi 6, 11 no-16 zihlangane khona nabaholi Nala masala enkundleni yezemidlalo iHlanganani eNdulinde.  

Lo mhlangano uyingxenye yoHlelo Lokuthuthukisa Oludidiyelwe (IDP) kanye nesabelomali sika-2026/2027, lapho bekuxoxwa khona ngezinto esezifeziwe kanye nezinhlelo ezisazokwenzeka ngenhloso yokuthuthukisa izinga lokuphila emphakathini.

Abaholi bakaMasipala bagcizelele ukuthi ukunikezwa kwamanzi kusemqoka ezinhlelweni zabo, njengoba kunemizamo eqhubekayo yokususa ukuncika empompini yomphakathi ngokusondeza amanzi ngqo emakhaya. EWadi 6, umsebenzi wokufakwa kwamanzi emabaleni aseNkomindle usufinyelele cishe ku-90%, kanti uhlelo lweNdulinde Water Supply Scheme Phase 4D luphinde lukhombise intuthuko enhle njengoba kulindeleke ukuthi luzohlinzeka ngemithombo yamanzi emizi engu-488 maduze. EWadi 11, izinhlelo zigxile ekwandiseni inethiwekhi yamapayipi ukuze kufinyelelwe emakhaya amaningi eThembeni nasezindaweni eziseduze, kanti eWadi 16 ukufakwa kwamanzi kuseqhulwini ngenhloso yokuqeda ukuthembela emalolini athwala amanzi kanye nasemipompini yomphakathi. UMasipala uphinde waqinisekisa ukuthi umsebenzi wokuthuthukisa amapayipi amakhulu amanzi eMandeni usuqediwe ngokusemthethweni, okuyisinyathelo esibalulekile ekuthuthukiseni ukuhlinzekwa kwamanzi esifundeni.

Ngasohlangothini lwezinhlelo zokuthuthwa kwendle, uMasipala uthe uthatha izinyathelo ezinqala zokuhlinzeka ngezinsiza eziphephile nezisebenza kahle. EWadi 11, sekuphothuliwe izindlu zangasese ezingu-75 futhi sezisetshenziswa emphakathini, kuyilapho kusakhiwa ezinye ezingu-950 ngaphansi kohlelo olubiza izigidi ezingu-R20. EWadi 16, izindlu zangasese ezingu-150 sezimi ngomumo, kanti umsebenzi uyaqhubeka wokwakha ezinye ezingu-950 okuhlelwe ukuthi ziphothulwe ngoJuni 2026. UMasipala uphinde wethula izinhlelo zokuguqula indlela yokuphatha indle, usuka ekukhucululeni imigodi ngesandla uye ekusebenziseni amaloli Lanza ukungcola ngenhloso yokwenza umsebenzi ube lula, usheshise futhi uhlanzeke kakhulu.

Ngokwezinhlelo zesikhathi esizayo, iLembe liveze ukuthi selithole uxhaso olukhulu lwezimali ukuze liqhubeke nokuletha izinguquko ezizinzile. Kukhona imali engu-R23.6 million ehlelelwe isigaba sokusebenza seNdulinde Water Supply, kanti enye engu-R37.8 million izosetshenziswa ohlelweni lokuthuthwa kwendle eMandeni yonke phakathi neminyaka emithathu ezayo. Lokhu kulindeleke ukuthi kube nomthelela omkhulu ekuthuthukiseni izinsiza eziyisisekelo kanye nokuphucula impilo yabantu.

Abaholi bakaMasipala baphinde bagqugquzela izakhamizi ukuthi ziqhubeke nokuba yingxenye yale mihlangano yokubonisana, beqinisekisa ukuthi imibono yomphakathi ibalulekile ekwakheni izinhlelo ezisebenzayo. Lo mhlangano ukhombise ngokusobala ukuzibophezela kukaMasipala ekuphathweni okuvulekile, ukubambisana nomphakathi kanye nokuletha intuthuko eqondakalayo kubo bonke abantu baseMandeni.