Isithombe: UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natali, uMnuz Thami Ntuli emhlanganweni obuseThekwini. Isithombe sithunyelwe.
NOKUPHIWE MAJOLA
NJENGOBA isimo sezulu siqhubeka nokuguquka kanye nokwanda kwezinhlekele zemvelo ezithinta kakhulu imphakathi ebuthaka, uhulumeni waKwaZulu-Natal usukhuphule izinga lokuphendula ngokugxila kumasu ahlanganisiwe okuvikela nokusimamisa izakhamuzi. Lokhu kugqame ngesikhathi uNdunankulu wesifundazwe, Thami Ntuli, ehola umhlangano woMkhandlu Wezinguquko Zesimo Sezulu Nentuthuko Eqhubekayo obubanjelwe e-Archie Gumede Conference Centre ngoLwesihlanu, mhla ziyi-10 kuMbasa 2026.
Lo Mkhandlu, oholwa nguNdunankulu uNtuli, uhlanganise amalungu eKhabhinethi yesifundazwe, oSodolobha kanye namasekela abo, amakhosi endabuko, izifundiswa, amalungu e-SALGA kanye nezikhulu zikahulumeni. Injongo enkulu wukuxoxisana ngezindlela zokunciphisa imiphumela emibi yokuguquka kwesimo sezulu, okuyinto esivele ithinta kakhulu izakhamuzi ezisengozini.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal sihlala sibhekene nezinhlekele ezufana nezikhukhula, okwenza kube semqoka ukuthi kube khona izinhlelo eziqinile zokuzivikela nokuphendula ngokushesha. Amalungu omkhandlu agcizelele ukubaluleka kokuhlanganisa imizamo phakathi kweminyango ehlukene ukuze kutholakale izixazululo ezihlala isikhathi eside. UNdunankulu uNtuli unxuse amalungu ukuthi aqhamuke nezindlela ezibumbene nezizwakalayo ezizoletha ithemba elisha emphakathini.
Ugcizelele ukuthi akukho muntu okufanele ashiywe ngaphandle, ikakhulikazi labo abasengozini enkulu ngenxa yezimo zezulu eziguqukayo. Kulo mhlangano, kwethulwe imibiko ehlukahlukene ephathelene nezempilo, ukuqwashisa nokufundisa umphakathi, ukuthuthukiswa kwengqalazisinda kanye nezinye izinhlelo zokungenelela. Kubuye kwaxoxwa ngokuthi lezi zinhlelo zingahlanganiswa kanjani ukuze kube nomthelela omkhulu kubo bonke abathintekayo.
Umkhandlu ugcine ngokuvuma ukuthi ukubambisana, ulwazi olujulile kanye nokuzibophezela okuqinile kuzoba yizinsika eziyinhloko ekulweni nemiphumela yokuguquka kwesimo sezulu esifundazweni.
