Isithombe : Izintatheli zibe yingxenye yoqeqesho mayelana nokubika ngeqiniso. Isithombe sithunyelwe.

INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO

NJENGOBA izwe lilungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya lika-2026/2027, impi enkulu ayisekho kuphela ezinkundleni zokuvota kodwa sekuyimpini yolwazi. NgoLwesihlanu olwedlule, izintatheli zibe yingxenye yohlelo loqeqesho olubalulekile olubhekene nendima yezindaba ngesikhathi sokhetho.

Lo mcimbi uhlelwe yi-Media Development and Diversity Agency (MDDA) ngokubambisana ne-Independent Electronic Commission (IEC), I-South African Local Government Association (SALGA), i-Moxii Africa, i-Africa Check kanye ne-South African National Editors’ Forum (SANEF). Inhloso enkulu ukuqeqesha izintatheli ukuze zibeke izindaba zokhetho ngendlela enembile, enesibopho futhi enolwazi olunzulu. Nkulumweni yakhe uMnuz Jabulani Tshabalala uveze ukuthi i-IEC isilulungele kangakanani ukhetho oluzayo.

Ubalula izigaba ezibalulekileyo zokhetho, izinhlelo zokuvota kanye nokufakwa kwabazongenela ukhetho abazimele ohlelweni lukazwelonke, okuyinto ekhombisa ukuguquka kwendlela yokhetho eNingizimu Afrika. Phakathi kwezinkulumi ezivelele, uNksz Athandiwe Saba uchaze kabanzi indima yezintatheli ekusebenzeni idatha ekubikeni izindaba zokhetho, okuhloswe ngakho ukwakha ukwethenjwa komphakathi.

Ngokolunye uhlangothi, uNksz Lister Namumba-Rikhotso kanye noNksz Ntsako Manganyi bagxile enkingeni ekhulayo yolwazi olungelona iqiniso noludidayo, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. Abahlanganyeli bavumelene ngokuthi izintatheli zidlala indima ebalulekile ekuvikeleni intando yeningi, ikakhulukazi ngesikhathi lapho ulwazi oluqinisekisiwe lingasabalala ngokushesha.

Lolu qeqesho luhloswe ngokuqinisa amakhono abo ukuze bakwazi ukubhekana nalezi zinselelo banikeze umphakathi ulwazi oluthembekile. Lo mcimbi uyingxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisekisa ukuthi ngesikhathi sokhetho, umphakathi uthola iqiniso hhayi izindaba ezingamampunge ukuze wenze izinqumo ezinolwazi.