Nokulunga Nxumalo
UMasipala waKwaDukuza usukhiphe isaziso esibalulekile emphakathini mayelana nokwanda kokungcwaba ngokungemthetho kanye nokusetshenziswa kwezindawo zokungcwaba ezingagunyaziwe, okuholele ekutheni uMasipala uqinise izinyathelo zokulawula amathuna angaphansi kwawo
Ngokwesaziso esikhishwe iloMasipala, ukungcwaba ngaphandle kwemigomo esemthethweni sekudale ukukhathazeka okukhulu, kanti umphakathi ukhuthazwa ukuthi usebenzise kuphela amathuna agunyaziwe. “UMasipala ukhumbuza umphakathi ukuthi kunezindawo zokungcwaba ezisemthethweni kuphela okufanele zisetshenziswe uma kunokungcwaba, okubalwa iKwaDukuza Cemetery, Shakaville Cemetery, Lindelani Cemetery, ERF 301 Cemetery, Groutville Cemetery, Nkobongo Cemetery, Shakaskraal Cemetery, Umhlali kanye neDarnall Cemetery,” kusho uMasipala waKwaDukuza.
UMasipala uqhubeke wathi lezi zindawo zingaphansi kokulawulwa ngqo futhi zinemigomo eqinisekisa ukuthi ukungcwaba kwenziwa ngendlela efanele, evikela impilo yomphakathi kanye nemvelo.
Uphinde waveza ukuthi ezinye zalezi zindawo sezifinyelele kumthamo wazo ogcwele. “Amanye amathuna asefinyelele kumthamo wawo ogcwele, okwenza kube nzima ukuqhubeka nokusebenzisa lezo zindawo ngaphandle kokulandela imigomo yokuvuselela amathuna. Ngokomthetho, amathuna angaphinde asetshenziswe kuphela uma sekudlule iminyaka eyishumi kusukela kungcwatshwe khona, futhi lokhu kwenziwa ngokubambisana noMasipala,” kusho lomasipala.
UMasipala uphinde wagcizelela ukuthi amathuna athile asevaliwe okwesikhashana. “Amathuna aseGroutville nase-Ethembeni avaliwe okwesikhashana ngenxa yokuthi asefinyelele kumthamo wawo, kanti ukuvulwa kabusha kuzoncika ekutheni sekukhona yini izikhala ezikhona zokungcwaba,” kusho uMasipala.
Uxwayise ngokuthi ukungcwaba ngokungemthetho kungaholela ezinkingeni ezibucayi. “Ukungcwaba ngaphandle kwemigomo kungadala ukungcoliswa kwemithombo yamanzi, ukuphazamiseka kohlelo lokuphathwa kwamathuna kanye nokubeka engcupheni impilo yomphakathi,” kusho uMasipala, wengeza ngokuthi ukungcwaba emhlabeni ongagunyaziwe noma ngaphandle kwemvume kusephula umthetho.
Ngaphezu kwalokho, uMasipala ukhuthaze umphakathi ukuthi ulandele izinqubo ezifanele. “Umphakathi uyakhuthazwa ukuthi uthole imvume esemthethweni ngaphambi kokungcwaba futhi usebenzise kuphela amathuna avunyelwe. Kukhona futhi izinsiza zokushiswa komzimba ezitholakala eKwaDukuza Crematorium kulabo abafisa ukusebenzisa le ndlela,” kusho uMasipala.
Ekugcineni, uMasipala waKwaDukuza ucele ukubambisana nomphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi imigomo iyalandelwa. “Sicela umphakathi usebenzisane nathi ekuqinisekiseni ukuthi izindawo zokungcwaba ziphathwa ngendlela efanele ukuze kugcinwe ukuhlanzeka, ukuphepha kanye nokuhlonishwa kwalezi zindawo,” kusho uMasipala.
Abanemibuzo noma abafuna ulwazi olwengeziwe Abaxhumane nehhovisi leCemeteries and Crematorium ngaphansi koMnyango weCommunity Services and Public Amenities, uMasipala uzoqhubeka nokwazisa umphakathi ngezinguquko kanye nezinhlelo zokuphatha amathuna ngendlela efanele.
