Isithombe: Abafundi bebegcwele injabulo ngenkathi bethola uxhaso lezinsiza zokudlala ibhola likanobhutshuzayo. Isithombe sithunyelwe.
Abafundi base-Isipingo Hills Primary School, eningizimu yeTheku, bathole ugqozi olukhulu mhla zi-10 kuMbasa 2026 ngesikhathi bethola uxhaso lwezinsiza zebhola likanobhutshuzwayo oluvela kwi-Hollywood Foundation.
Lolu hlelo luwumgomo oqhubekayo weHollywood Foundation wokuthuthukisa intsha, ukweseka imfundo kanye nokukhuthaza ezemidlalo ezingeni lomphakathi. I-Isipingo Hills Primary School inemidlalo ehlukahlukene okubalwa ibhola likanobhutshuzwayo, ezokugijima, inethiboli, ikhilikithi nokubhukuda. Phakathi kwale midlalo, ibhola likanobhutshuzwayo lidlala indima ebalulekile ekwakheni ukuzimisela, ukusebenza ngokubambisana kanye nokukhuthaza impilo enempilo kubafundi.
Uthishanhloko wesikole, uNkk T.S. Madlala, ubonge kakhulu lo mnikelo futhi waphawula ngentuthuko yesikole kusukela sasungulwa ngo-1981. Uveze ukuthi isikole sikhule kakhulu eminyakeni edlule futhi njengamanje sinabafundi ababalelwa ku-1 109. Uphinde wagcizelela ukuthi uhlelo lwezemidlalo selunwetshiwe ukuze luhlanganise izinhlobo ezahlukene zemidlalo.
UNkk Madlala uphinde waveza ukuthi isikole sinamathimu amane ebhola labafana kanye neqembu elilodwa lamantombazane, wonke azuzile kulolu xhaso.
“Lo mnikelo ufike ngesikhathi esibaluleke kakhulu esikoleni sethu,” kusho yena. “Izinsiza esizitholile, ezifaka ama-bibs, amabhola nezisetshenziswa zokuzilolonga, zizosisiza kakhulu ekuqeqesheni nasekulungiseleleni amaqembu ethu ukuba ancintisane kahle.”
Okhulumela isigungu esingamele isikole (SGB), uNkk S. Wahid, ophinde abe yinhloko yomnyango, uchaze lo mcimbi njengobalulekile emlandweni wesikole futhi wadlulisa ukubonga kubaxhasi.
“Egameni le-SGB yase-Isipingo Hills Primary School, sidlulisa ukubonga okukhulu kubaxhasi bethu. Lo mnikelo uzothuthukisa izimpilo zabafundi bethu futhi ubakhuthaze ukuba babambe iqhaza kwezemidlalo, okuyingxenye ebalulekile yokukhula nokuthuthuka kwabo,” kusho yena.
Umphathi wabafundi, uNksz Amile Mkhize, naye ubonge i-Hollywood Foundation, eqhakambisa umthelela omkhulu lo mnikelo ozoba nawo ekubambeni iqhaza kwabafundi.
“Umoya wenu wokupha wenze umehluko omkhulu ezimpilweni zethu futhi wasivulela amathuba okuzilolonga nokuncintisana ngezinsiza ezifanele,” kusho yena, wengeza ngokuthi lolu xhaso luhambisana nezimiso zesikole zokwenza kahle, ukunikeza amandla kanye nokuzibophezela emphakathini.
