Isithombe: Bezisina zidedelana kwiNgoma yaseNdwedwe yalonyaka. Izithombe zithunyelwe.

Intatheli yeSivubela Intuthuko

UMasipala waseNdwedwe ubambe ngempumelelo umcimbi weNgoma yaseNdwedwe kuWadi 18 endaweni yaseKwazini ekuqaleni kwenyanga, lapho kubuthene khona izinkumbi zomphakathi, amaqembu endabuko kanye nabaholi bomphakathi ukugubha nokukhombisa amandla amasiko esintu, kulo mcimbi obonakale ukhula futhi uqina unyaka nonyaka.

Lo mcimbi, ubuhlose ukugqugquzela amasiko endabuko, ukuqinisa ubumbano emphakathini kanye nokunika intsha ithuba lokuzibonakalisa ngamakhono ayo. INgoma yaseNdwedwe ibhekwa njengengxenye ebalulekile yokugcina amagugu esintu ephila emphakathini waseNdwedwe, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho amasiko edlala indima enkulu ekwakheni isisekelo esiqinile nokuhlanganisa umphakathi.

Ekhuluma kulo mcimbi, uMeya uKhansela Samuel Mfeka uncome kakhulu izinga lomdlalo nokuzinikela kwamaqembu abambe iqhaza, wathi lokhu kukhombisa ukukhula okubonakalayo kwesiko leNgoma kule ndawo.

“Ngiyabonga kakhulu kubo bonke abahlanganyele kulo mcimbi, ikakhulukazi amaqembu eNgoma kanye namagosa. Izinga esilibonayo namuhla likhombisa ukuthi isiko lethu liyakhula futhi liyahlonishwa yintsha. Lokhu kusikhuthaza kakhulu njengoMasipala ukuthi siqhubeke nokweseka imicimbi efana nale,” kusho uMfeka.

UMfeka uphinde wathi imicimbi efana neNgoma yaseNdwedwe idlala indima ebalulekile ekwakheni ubumbano emphakathini, ekugqugquzeleni intsha ukuthi igweme izenzo ezingalungile, kanye nokuvuselela ukuzigqaja ngamasiko esintu.

Amagosa abekhona nawo ancome lo mcimbi, ethi uholele ekutheni izigodi ezahlukene zihlangane, zabelane ngamasiko futhi ziqinise ubumbano. Omunye wamagosa uthe imicimbi yamasiko isiza kakhulu ekugcineni intsha isendleleni efanele futhi inciphisa izinkinga zomphakathi ezifana nobugebengu.

Amalungu omphakathi aveze injabulo yawo, ethi iNgoma yaseNdwedwe isiphenduke umcimbi obalulekile ohlanganisa imiphakathi ehlukahlukene, abanye bathe lokhu kusiza ekuthuthukiseni amakhono entsha kanye nokugcina amasiko engafi.

UMasipala uthe uzoqhubeka nokweseka imicimbi efana nale ehloselwe ukwakha umphakathi onobunye, ogcina amasiko esintu ephila futhi ukhuthaza intsha ukuthi ibambe iqhaza ekuthuthukisweni kwendawo yayo.