Isithombe: Lo mcimbi uhanjelwe nguMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo uNkk Mmamoloko Kubayi, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli.

Nokulunga Nxumalo

UMeya woMasipala waseNdwedwe uKhansela Samuel Mfeka uthi okwenzeke eSonkombo Sports Field eNdwedwe, KwaZulu-Natal kube ingqophamamlando nnjengoba uhulumeni wethule ngokusemthethweni uhlelo lwezindlu olubhekiswe kubantu abathinteka ngesikhathi sodlame lwezepolitiki ngeminyaka yama-1980 kuya kuma-1990.

Lo mcimbi uhanjelwe nguMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo uNkk Mmamoloko Kubayi, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, abaholi bendabuko, amalungu kahulumeni kanye nomphakathi waseNdwedwe, lapho kukhishwe khona izibonelelo zezindlu kubahlomuli abahlonzwe yiKhomishini yeQiniso Nokubuyisana.

Ekhuluma ngesikhathi somcimbi, uMeya Mfeka uthe lolu hlelo luzoletha ithemba emphakathini owahlushwa udlame eminyakeni eyedlule.

“Lolu usuku olubalulekile emphakathini waseNdwedwe. Abantu bakithi balahlekelwa izindlu, impahla kanye nezimpilo zabathandekayo ngesikhathi sodlame. Namuhla sibona uhulumeni ebuyisa isithunzi kubantu bakithi,” kusho uMfeka.

UMfeka uphinde wathi lo mcimbi uveza ukubaluleka kokusebenzisana phakathi kukahulumeni, abaholi bendabuko kanye nomphakathi ekwakheni ikusasa elingcono.

“NjengomMsipala waseNdwedwe, siyakwemukela lokhu kungenelela kukahulumeni. Lokhu kuzoletha izindlu, intuthuko kanye nethemba kubantu bakithi asebelinde isikhathi eside,” kusho uMfeka.

UMengameli Cyril Ramaphosa naye uthe ukuvakashela iNdwedwe kubalulekile njengoba le ndawo ingenye yezindawo ezathinteka kakhulu ngesikhathi sodlame lwezepolitiki, lapho abantu abaningi baphoqeleka ukubaleka emakhaya abo, kwashiswa izindlu futhi kwalahleka izimpilo.

“Ukuhlinzekwa kwezindlu akukhona nje ukwakha izindlu kuphela, kodwa kuwukubuyisela isithunzi, ukuzinza nokuvikeleka kubantu abahlukunyezwa umlando,” kusho uRamaphosa.

Ngokusho kukahulumeni, abantu abangaphezu kuka-200 baseNdwedwe sebehlonzwe njengabahlomuli balolu hlelo, kanti abaningi babo sebezothola usizo lwezindlu noma izimali zokwakhiwa nokulungiswa kwezindlu zabo.

UNgqongqoshe Wezobulungiswa uNkk Mmamoloko Kubayi uthe lolu hlelo luyingxenye yemizamo kahulumeni yokulungisa umlando wobandlululo kanye nokubuyisela isithunzi kubantu abathintekile.

“Le mizamo ihlose ukuqinisekisa ukuthi izisulu zodlame zithola ubulungiswa, futhi zikwazi ukuqala kabusha izimpilo zazo,” kusho uKubayi.

Omunye wabahlomulile , uMaDlamini waseNdwedwe, uveze injabulo yakhe ngesikhathi somcimbi wathi sebebone ithemba ngemva kweminyaka eminingi belindile.

“Sihlale isikhathi eside silindile. Namuhla sibona uhulumeni esikhumbula. Lokhu kuzoshintsha impilo yemindeni yethu,” kusho yena.