Nokulunga Nxumalo

Kube yinhlokomo emphakathini ngesikhathi iMeya yoMkhandlu waseNdwedwe, uKhansela Samuel Mfeka, imemezela uchungechunge lwezinhlelo zentuthuko ezihloselwe ukuthuthukisa impilo yabantu nokuletha izinsiza ezisemqoka emiphakathini yasemakhaya.

Phakathi kwezinhlelo ezimenyezelwe kubalwa ukuqala komsebenzi wokwakhiwa kwebhuloho endaweni yaseMaphofu, iphrojekthi okulindeleke ukuthi ixazulule inselelo yokuhamba kwabantu ngesikhathi sezimvula kanye nokwenza kube lula ukuxhumana phakathi kwemiphakathi. 

IMeya iveze ukuthi ukwakhiwa kwaleli bhuloho kuyingxenye yemizamo kaMasipala yokuthuthukisa ingqalasizinda ezindaweni zasemakhaya ukuze kuphephe futhi kube lula ukuhamba kwabantu.

Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi uMasipala wesifunda iLembe uzoletha iphrojekthi yokwakhiwa kwezindlu zangasese ezingu-150 endaweni yaseZimpondweni. Le phrojekthi kulindeleke ukuthi ithuthukise izinga lenhlanzeko futhi ivikele imiphakathi ezingozini zezifo ezibangelwa ukungabi bikho kwezindlu zangasese ezifanele.

Izindawo eziningi zasemakhaya eNdwedwe zisabhekene nezinselelo zokungabi nengqalasizinda efanele yezindlu zangasese, okuyinto esibe nomthelela ongemuhle empilweni yabantu, ikakhulukazi izingane nabantu abadala. Ngakho-ke, le phrojekthi ibhekwe njengenyathelo elibalulekile ekuthuthukiseni impilo yomphakathi.

Ngasohlangothini lwezokuphepha, amaphoyisa aseManyonini asethule ngokusemthethweni iPolice Forum mhla ziyi-10 kuNhlaba 2026 ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nomphakathi ekulweni nobugebengu. Le forumu igxile kakhulu ekubhekaneni nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo osekunesikhathi bukhathaza abalimi bendawo.

Ukusungulwa kwale kwayo kwamukelwe kahle ngumphakathi njengoba kulindeleke ukuthi kusize ekwakheni ukubambisana phakathi kwezakhamuzi namaphoyisa, kube lula ukubikwa kwamacala kanye nokulandelelwa kwezigebengu ezibandakanyeka ekwebiweni kwemfuyo.

UMasipala ngokubambisana noMnyango Wezasekhaya basize abafundi bezikole okubalwa kuzo iUbuhlesizwe, iYikhulu kanye neMshiyane ekwenzeni omazisi .

Lolu hlelo lusiza abafundi abaningi abebebhekene nobunzima bokuthola omazisi ngenxa yezinkinga zokuhamba nokungabi nemali yokufinyelela emahhovisi oMnyango Wezasekhaya akude. 

IMeya igcizelele ukuthi lezi zinhlelo ziyingxenye yomzamo kaMasipala wokuletha izinsiza kubantu nokwakha umphakathi onempilo, ophephile nonamathuba angcono okuphila.