Intatheli yeSivubela Intuthuko
IMeya yoMkhandlu waKwaDukuza, uKhansela Siduduzo Gumede, yamukele ngentokozo isimemezelo sotshalomali olusha olungangezigidi ezingu-R350 oluzosetshenziswa ukunweba amandla okukhiqiza kanye nezindawo zokugcina impahla embonini yaseWoodmead Industrial Park eShakaskraal.
Lolu tshalomali luzofakwa yinkampani iShree Property Holdings, kanti inkampani yakwaHesto Harnesses ingenye yabaqashi abakhulu kule ndawo yezimboni.
Ekhuluma ngesikhathi somhlangano phakathi kobuholi bukaMasipala, abakwaHesto Harnesses, iShree Property Holdings kanye ne-iLembe Chamber of Commerce, iMeya ithe lokhu kukhombisa ukuthembeka okukhulu abatshalizimali abasakubeka emnothweni wendawo yaKwaDukuza.
“Samukela ngokukhulu ukujabula ukuqhubeka kokutshalwa kwezimali emnothweni wakithi. Lokhu kukhombisa ukuthi abatshalizimali basenalo ithemba endaweni yethu futhi bazimisele ukuqhubeka nokwakha amathuba emisebenzi emphakathini,” kusho uGumede.
Ngokwemibiko eveziwe emhlanganweni, sekutshalwe imali elinganiselwa ku-R620 million emnothweni wendawo ngokusebenzisa ubunikazi bezakhiwo zeShree Property Holdings. Isikhungo saseWoodmead sesiphenduke esinye sezindawo ezisemqoka zokukhiqiza zakwaHesto Harnesses, okuyinkampani eyaziwa ngokukhiqiza izintambo zikagesi ezisetshenziswa ezimotweni.
Le nkampani okwamanje iqashe abantu abangaphezu kuka-800 abaqhamuka emphakathini waseShakaskraal nasezindaweni eziseduze, okuyinto ebhekwe njengengxenye ebalulekile ekulweni nenkinga yokungasebenzi kwabantu entsheni nasemiphakathini yasemakhaya.
Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi kuzokwakhiwa ezinye izakhiwo eziyisithupha ezintsha zezimboni nezokuthutha kule ngosi yezimboni ezinyangeni ezingu-12 ezizayo. Kulindeleke ukuthi lokhu kuqinise amandla okukhiqiza futhi kudale namanye amathuba emisebenzi kubantu bendawo.
UGumede ugcizelele ukubaluleka kobudlelwano phakathi kukaMasipala nabatshalizimali ekugcineni amathuba emisebenzi asevele ekhona kanye nokwakha amanye amasha. Uthe kubalulekile ukuthi uMasipala uqhubeke nokwakha indawo ephephile nenesimo esihehayo ukuze abatshalizimali baqhubeke nokusebenza KwaDukuza.
“Besihlale sidinga ubudlelwano obunjena, ikakhulukazi obuvikela amathuba emisebenzi asevele ekhona. Lokhu kuzosisiza ukuthi siqhubeke nokudala eminye imisebenzi ngokuhamba kwesikhathi. Okubalulekile wukuthi abatshalizimali babe nokuzethemba endaweni yethu,” kusho yena.
UMqondisi Ophethe weShree Property Holdings uthe le ngosi yezimboni yesimanje ihlose ukuheha izinkampani ezisebenza emkhakheni wezokuthutha nowezimboni zokukhiqiza. Uveze nokuthi iWoodmead Industrial Park ibonwa njengendawo ezoletha ushintsho olukhulu ekudalweni kwamathuba emisebenzi.
Omunye wemiphumela ebalulekile ephume kulo mhlangano kube yisivumelwano sokuqinisa ubudlelwano phakathi kukaMasipala, osomabhizinisi kanye nezimboni ukuze kuvikelwe amathuba emisebenzi futhi kukhuliswe umnotho wendawo isikhathi eside.
Ukuvakashelwa kwale ngosi yezimboni kuyingxenye yohlelo lukaMasipala olubizwa ngeMayoral Investor After Care Programme, olwasungulelwa ukuqinisekisa ukuthi abatshalizimali namabhizinisi asebenza ngaphakathi kukaMasipala waKwaDukuza ayagcinwa futhi ayesekwa ukuze aqhubeke nokukhulisa umnotho wendawo.
