Intatheli yeSivubela Intuthuko

Kukhuthazwe izakhamuzi zesifunda iLembe ukuthi zibambe iqhaza elibonakalayo ezinhlelweni zombuso ngesikhathi iSishayamthetho saKwaZulu-Natal siqhuba umkhankaso wokufundisa umphakathi ngokubaluleka kokuvota nokuzibandakanya kwezombusazwe.

Lo mkhankaso ubuhlose ukusondeza izinsiza zikahulumeni emphakathini kanye nokuhlomisa abantu ngolwazi olubalulekile mayelana namalungelo abo okuvota nokubamba iqhaza ezinhlelweni zentando yeningi. UMnyango Wezasekhaya kanye neKhomishana Ezimele Yokhetho (IEC) nabo bebeyingxenye yalolu hlelo, behlinzeka ngezinsiza zokulungiswa kwezinkinga ezithinta omazisi kanye nokubhaliswa kwabavoti.

Umkhankaso ububanjelwe emahholo omphakathi aseCharlottedale kuWadi 10 KwaDukuza kanye naKwaDeda kuWadi 5 eNdwedwe. Umhlangano waseCharlottedale ubuhanjelwe uSomlomo woMkhandlu waKwaDukuza, uKhansela Dolly Shandu, kanti owaKwaDeda ubuhanjelwe yilungu lekomidi eliphezulu (EXCO) kuMasipala waseNdwedwe, uKhansela Lindiwe Makhatha.

Abafundi, abantu abadala kanye nezinye izakhamuzi bathole ithuba lokubhalisela omazisi mahhala nokuthola ulwazi ngezinhlelo zokhetho. Lokhu kubhekwe njengendlela yokusiza ikakhulukazi abantu basemakhaya abavame ukubhekana nobunzima bokufinyelela emahhovisi kahulumeni akude.

Abaholi bakahulumeni bagcizelele ukuthi ukusondela kwezinsiza emphakathini kusiza ekususeni izingqinamba ezenza kube nzima kubantu ukubamba iqhaza kwezombusazwe. Baveze nokuthi kubalulekile ukuthi wonke umuntu ofanelekile abe nomazisi futhi aqonde amalungelo akhe okuvota ngaphambi kokhetho oluzayo.

Kuphinde kwavezwa ukuthi umphakathi onolwazi unamandla okubamba ubuholi buphendule futhi ubambe iqhaza elikhulu ngesikhathi kuhlanganiswa izinhlelo zentuthuko edidiyelwe (IDP) kanye nesabelomali sikaMasipala.