Isithombe: UMasipala waseMandeni ugqugquzela inhlanzeko ngomkhankado wokuhlanza idolobha. Isithombe sithunyelwe.
Intatheli yeSivubela Intuthuko
Uqhubeka ngempumelelo umkhankaso wokuhlanzwa kwedolobha ngaphansi kohlelo olwaziwa nge Keep Mandeni Clean, njengoba uMasipala waseMandeni uqhubeka nemizamo yokugcina idolobha lihlanzekile, liphephile futhi liheha abatshalizimali.
Lo mkhankaso, oqhubeka enkabeni yedolobha laseMandeni, uyingxenye yemizamo kaMasipala yokuthuthukisa izindawo zamabhizinisi nokwakha indawo ehehayo kubahlali, osomabhizinisi kanye nezivakashi. UMeya woMasipala waseMandeni, uKhansela Thabani Mdlalose, unxuse amalunga omphakathi ukuba abambe iqhaza ngokusebenzisa imigqomo ebekwe ezindaweni ezahlukene nokugwema ukulahla udoti budedengu.
UMdlalose uthe ukuhlanzeka kwedolobha akusona nje isibopho sikaMasipala kuphela, kodwa kuwumsebenzi odinga ukubambisana phakathi kukahulumeni nomphakathi. Ugcizelele ukuthi idolobha elihlanzekile lisiza ukuheha amathuba omnotho lilethe isithunzi sedolobha futhi lidale indawo engcono yokuphila kubahlali.
Lo mkhankaso ubuye ugxile ekulweni nokulahlwa kukadoti ngokungemthetho, ukukhuthaza isiko lokuhlanzeka kanye nokuqwashisa ngokubaluleka kokuvikelwa kwemvelo. UMasipala wase Mandeni, ongaphansi kwesifunda iLembe, usunesikhathi uqhubeka nezinhlelo ezihlose ukuthuthukisa ingqalasizinda nokweseka ukukhula komnotho endaweni.
Amalungu omphakathi anconywe ngokweseka lo mkhankaso,kwaphinde kwagqugquzelwa intsha, osomabhizinisi nabagibeli bezimoto ukuba babe yingxenye yomzamo wokugcina iMandeni ihlanzekile nsuku zonke.
