Isithombe: Izinhlaka ezihlukene zezemidlalo bezidingida amasu okothuthukisa ezemidlalo eNdwedwe. Isithombe sithunyelwe. 

Intatheli yeSivubela INtuthuko

Kugqugquzelwe ukubambisana nokusungulwa kwamasu amasha okuthuthukisa ezemidlalo ngesikhathi iSport Indaba ebiholwa uMeya woMkhandlu waseNdwedwe, uKhansela SZ Mfeka, ihlanganisa izinhlangano zezemidlalo, abaqeqeshi kanye nabaholi bomphakathi.

Lo mhlangano ube yinkundla yokucobelelana ngolwazi nemibono mayelana nendlela yokukhulisa ezemidlalo endaweni, kugxilwe ikakhulukazi ekuthuthukiseni ithalente elisemakhaya, ekwandiseni amathuba entsheni, kanye nasekuthuthukiseni ingqalasizinda yezemidlalo.

UMfeka uveze ukuthi ezemidlalo akumele zibhekwe njengokuzijabulisa kuphela, kodwa njengethuluzi elinamandla lokuguqula izimpilo zabantu abasha, ukwakha isimo esihle emphakathini, kanye nokuvula amathuba ezomnotho.

“Uma sifuna ukubona intsha yethu iphumelela, kufanele sitshale ezemidlalo kusukela emazingeni aphansi. Lokhu akusiyo into kaMasipala kuphela kodwa kudinga umphakathi wonke ukuthi ubambe iqhaza,” kusho uMfeka.

Enye yezinto ezibalulekile eziphakanyisiwe kulo mhlangano kube ukugxila ekuthuthukiseni izinhlelo zokuthola ithalente ezikoleni, ukuqinisa ama-club ezemidlalo asezindaweni zasemakhaya, kanye nokuhlela imiqhudelwano eqhubekayo kunyaka wonke ukuze kugcinwe intsha isebenza futhi ithuthukisa amakhono ayo.

UMasipala uphinde waqinisekisa ukuqhubeka nokutshala imali ezinkundleni zemidlalo, okubalwa kuzo ukwakhiwa kwe Khanyisa Sportfield ekuWadi 9 kanye nokulungiswa kwe Ndwedwe Regional Sportfield ekuWadi 15. Lezi zinkundla kulindeleke ukuthi zibe yizikhungo ezibalulekile zokuthuthukisa ezemidlalo nokusingatha imiqhudelwano yesifunda.