Isithombe: Bebephume ngobuningi babo ukuyothola usizo ngomazisi kumahamba nendlwana womnyango weZasekhaya. Izithombe zithunyelwe
Intatheli yeSivubela Intuthuko
Umzamo wokusondeza izinsiza zikahulumeni kubantu basemakhaya kugqamile ngesikhathi uMnyango Wezasekhaya, ngokubambisana noMasipala wakwaMaphumulo ngaphansi kophiko lwe Operation Sukuma Sakhe kanye noKhansela wakuWadi 5 uKhansela S.H Zulu, belethe usizo lokufakwa kwezicelo zama-smart ID card emphakathini wakwaMxhosa.
Lolu hlelo olwaziwa njengoluka “Mahamba Nendlwana” belusingathwe eHholo lomphakathi endaweni yakwaMxhosa, lapho izakhamuzi zithole khona ithuba lokufinyelela kwizinsiza zoMnyango Wezasekhaya eduze kwemizi yazo, ngaphandle kokuphoqeleka ukuhambela amahhovisi akude.
Lokhu kuyimizamo kaHulumeni yokusheshisa ukusetshenziswa kwama-smart ID card njengoba izwe liqhubeka nohlelo lokusuka kumazisi aloluhlaza webhuku, aye kumazisi amasha aphephe kakhulu futhi asezingeni lesimanje. UMnyango Wezasekhaya uqhubeka nokwandisa ukufinyelela kulezi zinsiza ngokusebenzisa amahhovisi ahambayo kanye nezinye izindlela zokufinyelela emiphakathini ekude.
Izakhamuzi zendawo zamukele lolu hlelo ngezandla zombili, zathi lunciphisa izindleko zokuhamba futhi lwenza kube lula kubantu abadala, intsha kanye nabanye ababebenenkinga yokufinyelela ezikhungweni zoMnyango Wezasekhaya.
Abaholi bendawo baphawule ngokuthi lolu hlelo luyisibonelo esihle sokuletha uhulumeni kubantu, njengoba luphinde lube yingxenye yomzamo wokuthi izinsiza zikahulumeni zingagcini emadolobheni kuphela kodwa zifinyelele nasezindaweni zasemakhaya.
Lokhu kuqhakambisa umgomo wokuthi ukulethwa kwezinsiza akugcini ngokuphatha kuphela, kodwa kuyindlela yokwakha uhulumeni osondelene nabantu futhi ophendula izidingo zomphakathi ngesikhathi esifanele.
