Izithombe: Kuqiniswe umthetho kuqhutshwa umkhankaso KwaDukuza. Izithombe zithunyelwe.
Nokulunga Nxumalo
Kuboshwe abokufika abangekho emthethweni abayisithupha ngesikhathi uMasipala waKwaDukuza usingathe umkhankaso omkhulu wokuqinisa umthetho obuhlanganise izinhlaka ezehlukene zokuphoqelela umthetho ngenhloso yokulwa nobugebengu, ukungathobeli imithetho kaMasipala kanye nemisebenzi engekho emthethweni enkabeni yedolobha.
Lo mkhankaso uqhakambise indlela entsha yokulwa nobugebengu obuhlanganisa ukubambisana phakathi kukahulumeni, amaphoyisa nezinhlaka ezahlukene, njengoba kugxilwe hhayi kuphela ekuboshweni kwabaphula umthetho kodwa nasekuqiniseni ukuthobela imithetho, ukuvikela umnotho nokubuyisa isithunzi sedolobha.
Ngaphandle kokuboshwa kwabokufika abangekho emthethweni, kuboshwe nabasolwa abahlukene ngamacala ahlanganisa ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni esinezinhlamvu eziyisithupha, ukutholakala nezidakamizwa, impahla eyebiwe kanye necala lokuzama ukubulala.
Lo mkhankaso uphinde waholela ekuthathweni kwezimpahla zomgunyathi ezilinganiselwa ku-R1.5 million, okubalwa kuzo ugwayi, izikhali eziyingozi nezinye izimpahla zasendlini, okuyisinyathelo esibalulekile ekuvikeleni umnotho wezwe kanye nokulwa nokuhwebelana okungekho emthethweni.
Kuphinde kwahlolwa amabhizinisi amaningi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthobela imithetho, lapho amane atholakale esebenza engenazo izimvume zebhizinisi, kwathi elilodwa lavalwa ngenxa yezimo ezingahlanzekile nokudayiswa kokudla okuphelelwe yisikhathi.
Kuphinde kwagqama ukugxila ekulawuleni ukusetshenziswa kwengqalasizinda kaMasipala ngokunqamula ukuxhunywa okungekho emthethweni, kukhishwa nezinhlawulo ezingaphezu kuka-R128 000 kwabatholakale bephula imithetho. Lokhu kuza njengengxenye yomzamo wokuvikela ingqalasizinda nokulwa nokuyonakaliswa kwayo.
Ezokuphepha emigwaqeni nazo azishiywanga ngaphandle, njengoba izimoto ezine zathathwa ngenxa yokushiywa emgwaqeni zisetshenziswa omakhenikha abangekho emthethweni, kwaphinde kwakhishwa izaziso ezingama-31 zokwephulwa kwemithetho yomgwaqo.
Ngaphezu kokuphoqelela umthetho, lo mkhankaso ugxile nasekubhekeni izakhiwo eziyingozi nezakhiwo eziguqulwe ngokungekho emthethweni, okuyingxenye yokubhekana nokungahleleki emadolobheni kanye nokuphepha komphakathi.
Umkhankaso ubuhlanganise amalungu angu-128 aphuma ezinhlakeni ezahlukene okubalwa kuzo amaphoyisa, uMnyango Wezasekhaya, SARS Customs, uMnyango Wezabasebenzi, KZN Liquor Authority, iLembe District kanye nezinhlaka zokuphepha zikaMasipala waKwaDukuza.
Okugqamile kulolu hlelo kube indlela eqinile kaMasipala waKwaDukuza yokuthumela umlayezo oqondile wokuthi akukho ukubekezelelwa kwabaphula umthetho. Umkhandlu uthe uzoqhubeka nokusebenzisa indlela ye zero tolerance ekulweni nobugebengu kanye nokuqinisa ukuthobela imithetho kaMasipala.
Lo mkhankaso uphinde wagqamisa ukuthi ukwakha imiphakathi ephephile kudinga ukusebenza ngokuhlanganyela, nokuthi izenzo ezinjengalezi ziyingxenye yempi eqhubekayo yokubuyisa umthetho nokuhleleka emphakathini.
