Intatheli yeSivubela Intuthuko

IMeya yoMkhandlu waKwaDukuza, uKhansela Siduduzo Gumede, iyaqhubeka nohlelo lweMayoral Imbizo oluhlose ukusondeza uMasipala emphakathini nokulalela izinselelo ezibhekene nezakhamuzi ezindaweni ezahlukene.

Muva nje, iMeya kanye nezikhulu zikaMasipala waKwaDukuza bavakashele imiphakathi yaseWadi 1 no 3, lapho kuhlanganwe khona nezakhamuzi ukuze kudingidwe izinkinga ezithinta izindawo zabo. IMeya ibihambisana namakhansela kanye nezikhulu ezivela eminyangweni eyahlukene kaMasipala.

Emihlanganweni ebibanjelwe emahholo omphakathi eNyathikazi  naseSokesimbone, izakhamuzi zithole ithuba lokuveza izikhalo nezidingo zomphakathi. Ezinye zezinkinga eziphakanyisiwe zibandakanye ukuphazamiseka kukagesi, ukutholakala kwamanzi, ukugeleza kwamanzi emvula kanye nesidingo sokuthuthukiswa kwengqalasizinda.

Izikhulu zikaMasipala ziphendule imibuzo yomphakathi ngokwemikhakha yazo, kwathi iMeya yaqinisekisa ukuthi izinkinga eziphakanyisiwe zizobhekwa ngokushesha nangendlela esobala. UGumede uphinde wathembisa ukuthi uMasipala uzoqhubeka nokubuyela emphakathini ukuzokwethula imibiko ngenqubekela phambili yezinhlelo zentuthuko.

IMeya inxuse izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokubamba iqhaza kulezi zimbizo njengoba ziyingxenye yomzamo wokwakha ubudlelwano obuqinile phakathi kukaMasipala nomphakathi, kanye nokuqinisekisa ukuthi izidingo zabantu ziyalalelwa futhi ziyaxazululwa.