Nokulunga Nxumalo
Ubuholi boMkhandlu waseNdwedwe, izinduna zendawo kanye nehhovisi loMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda bahlangane nabahwebi baseBhamshela ngenhloso yokudingida amasu okuthuthukisa le ndawo, njengoba kulindeleke ukuthi kwakhiwe isikhumulo samatekisi kanye nezitolo ezinkulu zokudayisa ukudla.
Lo mhlangano ubuhlose ukuqinisa ubudlelwano phakathi kukaMasipala, osomabhizinisi bendawo nabatshalizimali abafisa ukutshala imali eBhamshela. Bekuhloswe nokuthi ukuthuthukiswa kwale ndawo kungagcini ngokuletha ingqalasizinda kuphela, kodwa kudale namathuba emisebenzi nokukhulisa ezohwebo emphakathini.
Ngokusho kukaMasipala, sekukhona abatshalizimali abaveze isifiso sokwakha izitolo ezinkulu zokudayisa ukudla, okuyinto okulindeleke ukuthi ithuthukise ukuhweba futhi isondeze izinsiza emphakathini waseBhamshela nasezindaweni eziseduze.
IBhamshela seyaziwa njengenye yezindawo ezisemqoka kwezomnotho ngaphakathi kukaMasipala waseNdwedwe ngenxa yokuba semgwaqeni omkhulu oxhumanisa izindawo ezahlukene nokuba indawo ephithizela abantu nsuku zonke.
Ngaphambilini uMasipala wake waveza ukuthi iBhamshela idinga ukuhlelwa kabusha kwezindawo zokuhweba, ukwakhiwa kwezindawo zabadayisi kanye nokuthuthukiswa kwesikhumulo samatekisi ukuze ihehe abatshalizimali abaningi.
Kuphinde kwacaciswa ukuthi ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kule ndawo kuhambisana nombono kaMasipala waseNdwedwe wokwakha umnotho oqinile nokudala amathuba kubantu basemakhaya.
Abahwebi baseBhamshela banxuswe ukuthi basebenzisane nohulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi lolu hlelo luyabahlomulisa futhi luvule amathuba amasha okukhulisa amabhizinisi abo. Kugcizelelwe nokubaluleka kokubandakanya umphakathi ukuze intuthuko ezayo ibe yinzuzo kubantu bendawo kuqala.
