Isithombe: Bekusinwa kudedelwana emvimbini wezimbi eDoringkop. Izithombe zithunyelwe

Nokulunga Nxumalo 

Isiko, ubuhle nokuzigqaja ngobuZulu kuhlangane ngomoya owodwa ngesikhathi uMasipala wesiFunda iLembe ubamba umcimbi omkhulu wezintombi, i-uBuhle beLembe, obubanjelwe eShekembula Sport Complex, eMadundube, edoringkop.

 Lo mcimbi, osukhula minyaka yonke, ubuyingqophamlando ekugqugquzeleni intsha, ikakhulukazi izintombi ukuthi zigcine amasiko ziphile futhi ziwadlulisele ezizukulwaneni ezizayo.

Izintombi ezivela ezingxenyeni ezahlukene zesifunda zifike zigqoke izembatho zesintu ezinhle, zacula, zasina, zakhombisa ubuhle besintu kanye nokuzithoba, okungamanye amagugu abalulekile esizwe samaZulu. Umoya wokuhlonipha, ukuziphatha kahle nokuzigcina uhlanzekile ube yingxenye ebalulekile yomcimbi, okuqhakambisa izinjongo zawo zokwakha intsha enesimilo.

Lo mcimbi awugcinanga ngokuba umbukiso wesiko kuphela, kodwa ube yinkundla yokufundisa nokukhuthaza. Abaholi bomdabu, oMama beziMpelesi kanye nabakhuluma ngezamasiko baphinde banikeza izeluleko ezibalulekile ngezihloko ezifana nokuziphatha, ukuzinakekela kanye nokubaluleka kokugcina ubuntu.

Isekela likaMeya woMasipala wesiFunda iLembe, uKhansela James Van Wyk, ubonge kakhulu ukuzibandakanya kwezintombi nokuzigqaja kwazo ngesiko. Uthe, “Siyazigqaja kakhulu ngezintombi zethu ezikhombisa uthando nesithunzi sesiko lazo. Lokhu kusinika ithemba elikhulu ngekusasa lesifunda sethu. Lo mkhosi awuwona nje wokuzijabulisa noma wokusina kuphela, kodwa ungumzamo oqondile wokwakha isizwe esinesimilo, esizaziyo ukuthi singobani nokuthi simeleni.”

UMasipala wesiFunda iLembe ugcizelele ukuthi uzohlala uzibophezele ekwesekeni izinhlelo ezifana Malle, uBuhle beLembe, ezibeka phambili intsha kanye nokuvuselelwa kwesiko. Lezi zinhlelo zibhekwa njengamathuluzi abalulekile ekulweni nezinselelo ezibhekene nentsha, okuhlanganisa ukungaziphathi kahle, ukuntuleka kwemfundo ngamasiko kanye nokulahleka kobuwena.

Ngokwezibalo zikaMasipala, lo mcimbi udonse izinkumbi zabantu emphakathini waseMadundube nakwezinye izindawo eziseduze, okuhlanganisa abazali, othisha, nabaholi bendabuko, okubonisa ukubambisana okuqinile phakathi kukahulumeni nomphakathi. Lokhu kubambisana kubalulekile ekuphumeleliseni imicimbi efana nale, egxile ekwakheni umphakathi ozinzile nowaziyo amasiko awo.

UMasipala iLembe uphinde wadlulisa ukubonga kubo bonke ababambe iqhaza ekwenzeni lo mcimbi ube yimpumelelo, okubalwa kubo abaholi bomdabu, oMama beziMpelesi kanye nomphakathi waseMadundube.

Njengoba izinhlelo ezifana nalezi ziqhubeka nokukhula, lomcimbi Ubuhle beLembe ubonakala Uba  yisibonelo esivelele sokuthi amasiko angasetshenziswa kanjani njengendlela yokwakha ikusasa eliqhakazile lentsha, ngesikhathi kuqinisekiswa ukuthi ifa lesizwe samaZulu liyahlonishwa futhi liyagcinwa.