By Intatheli yeSivubela Ithuthuko 

Ukuqala konyaka isikhathi esinzima kubantwana, abazali kanye nothinsha njengoba abanye bedonsa kanzima ekugcineni izimfuno zesikole. Ukubhekana nalezingqinamba uMasipala wakwaMaphumulo oholwa uMeya uKhansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, amaKhansela kanye neHhovisi labasha babe nohlelo lokuhambele izikole ezakhele kulomasipala ngaphansi kohlelo luka-Back to School.

Loluhlelo oluqale mhlaka 27 Februari, luhambele izikole zamabanga aphansi kanye naphezulu ngenhloso yokusiza labo bafundi abasweleyo ngemfaniswayo yesikole.

Imeya nethimba layo iqale eSibanisezwe kanye naseZithabeni Secondary base beqhubekela nakwezinye izikole okubalwa iVukile High School, Mehlomlungu kanye naseMzangedwa High School. 

Abebehambela lezikole bebefike baqugquzele abafundi bakamatikuletsheni bakulonyaka ukuba basike iphethini kwikilasi lika-2023. 

Ekhuluma nabafundi kwezinye izikole azivakashele uMeya uKhuzwayo-Dlamini ubongele labo bafundi abahlomulile. “SinguMasipala sizoqhubeka nokusekela abafundi basendaweni yethu yakwaMaphumulo, ngalesi senzo sigqugquzela imfundo nezinga lemiphumela emihle eliphezulu, ” kubeka uMeya Khuzwayo-Dlamini.

Omunye umzali wabantwana ohlomulile kuloluhlelo uNkk Thembelihle Xulu uthe isikhathi sokuqala konyaka kuba isikhathi esinzima kubona ikakhulukazi kubazali abangasebenzi. “Mina nje nginabantwana abathathu abafundayo kanti bayasinda ukubathengela umfaniswano wesikole bonke. Loluhlelo lweMeya lube usizo kakhulu lwasiphungulela umthwalo. Siyabonga kakhulu sengathi lungaqhubeka njalo lusize nabanye,” kusho uNkk Xulu.