MAGAYE CELE

UFUNA ukubona iqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano lenza kahle kakhulu emidlalweni yakulo nyaka yeNdebe yoMhlaba ukapteni weqembu lesizwe lakuleli, uBongiwe Msomi obalwa nabanye babadlali bakuleli asebemnkantshubovu.

UMsomi onekhono elimangalisayo uthi ukholwa ukuthi iqembu labo nakanjani lizokwazi ukuthi ligile izimanga emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba wakulo nyaka.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi uBongiwe Msomi ukhuluma kanjena nje kulo nyaka amaSpar Proteas okuyiqembu labesifazane lakuleli lebhola lomnqakiswano lizokube liyingxenye yemidlalo yoMhlaba.

UBongiwe Msomi odume kakhulu ngelikaBo uthi bafuna ukwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi banyathela kuzwakale baliphephezelisele phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika kule midlalo.

Ngokusho kwakhe uBongiwe Msomi akangabazi nje ukuthi bonke ngokubambisana nozakwabo bangakwazi ukuthi bagile izimanga kule mindlalo.

Echaza uthe: “Sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ethu ukuze iqembu lethu lizobonakala lenza kahle kakhulu kule midlalo. Lokhu ke kulele kithina uqobo njengabadlali. Ukudlala kwethu ngokuzimisela nangokuzikhandla yikhona kanye okuzoholela ekutheni sibonakale siba abanqobi ekugcineni.’’

Eqhuba uBongiwe Msomi uthe abadlali abanabo ukholwa ukuthi nakanjani bangawufeza umsebenzi omkhulu okulindeleke ukuthi bawenze.

Uthe akaboni nje ukuthi yini engabavimba endleleni yabo ebheke empumelelweni. Uthi yena uzizwa enentshisekelo enkulu yokudlalela ukuba ngumnqobi kule midlalo ngoba usekhulile akakholwa ukuthi usazophinde alithole elinye ithuba lokuthi aphinde adlale imidlalo yeNdebe yoMdlaba yebhola lomnqakiswano.

“Ngenxa yalesi sizathu kumele ngidlale ngokukhulu ukuzinikela lokhu kanye nangokuzimisela. Ngoba phela leli yithuba lami lokugcina,’’ usho kanjena.