SECHABA MAKORO

OSONHLALAKAHLE abangaphansi kweKwaDukuza and Tongaat Child Welfare bakhathazwa izigameko ezidicilela phansi izindawo abazisebenzayo okungezabazali abanikela ngezingane zabo kubantu abadala ukuze balale nazo ngoba befuna ukuthola imali. 

Labo sonhlakahle baveza ukuthi ziyabakhathaza izigameko zokuzwa ukuthi okungenani ngesonto ngalinye kunukubezwa izingane ezimbili kuya phezulu endaweni yabo. Umunwe bawukhombe kwabanye abazali ngokusisela izingane zabo kubantu ukuze bazilale bese bethola imali. Kuthiwa amantombazanyane ayizisulu aphakathi kweminyaka ewu-8 newu-10. 

UJoe Moodley owuSonhlalakahle weKwaDukuza and Tongaat Child Welfare uthi ziyabakhathaza lezi zigameko njengoba emancane amacala abikwayo aholela ekushushisweni kwabantu. Uthe kuyimanje banecala elilumelayo lapho ingane eneminyaka ewu-5 yadlwengulwa nguyise oyizalayo kodwa kuze kube manje akekho ojezile ngalokho. Uveze ukuthi umgilwa kanye nonina babhacisiwe ngoba uyise wengane akakaze aboshwe. Uthi abagilwa bakuthola kunzima ukuvula icala emaphoyiseni lokho okwenza osonhlalakhle babo bangenelele ukubalekelela ukuze basizakale. Ubalule uvalo njengembangela yokudembesela ekuvulweni kwamacala okugilwa ngoba amanye awo izisulu zisuke zigilwe ngabantu abasondelene nazo futhi ezibazi kahle. 

Omunye walabosonhlakahle u-Amy Sentoo uthe unzima umsebenzi wabo njengoba ngenyanga bevamise ukusebenza amacala amathathu kuya kwawu-4 okudlwengulwa kwezingane. Ukhale ngokuthi njengoba kusenkathini yamaholidi okuphela konyaka ziyanda izigameko zokudlwengula njengoba abntu basuke bendawonye isikhathi esiningi. Uxwayise abazali ngengozi yokushiya izingane zodwana emizini yabangani bazo ethi lokho kusuke kungaphephile kuzona. Ukhuthaze abantu ukuba mehlo made ngalesi sikhathi ngoba izingane ziba yizisulu zokunukubezwa. 

UJosha Daniel we-Rise Up Movement uthe kuyadumaza ukuzwa ukuthi iKwaDukuzwa ikleliswe yaba ngeka-12 ngamacala odlabe lobulili, yaba ngeka-13 ngamacala okudlwengula lapha eNingizimu Afrika.