SECHABA MAKORO

UMPHATHISWA woMnyango wezokuThutha, EzokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka usehlabe ikhwele lokusebenzisana nomphakathi owakhele iKwaDukuza ngokubanjwa kwabahlaseli abadubule babulala iphoyisa lomgwaqo lisemsebenzini.

Usale udidekile umphakathi owakhele uMasipala waKwaDukuza ngokuhlaselwa kubulawe iphoyisa lomgwaqo uSuperintendent Eddie Boaventura esemsebenzini kuN2 ngaseBlythedale Beach flyer. Lesi sehlakalo sithukuthelise ungqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal uMnu Sipho Hlomuka osenxuse ukuba noma ngabe ubani onolwazi olungaholela emkhondweni wababulali angahambeli kude namaphoyisa aseduzane. Uthe lowo ongaba nolwazi ngokuthi bangobani abahlasele uMnu mabeze ngaphambili basebenzisane namaphoyisa ukuze bajeze ngesenzo sabo. Imoto okukholakala ukuthi 

Kukholakala ukuthi uSuperintendant Boaventura ubulawe kade ezama ukuvimba imoto ebisolisa kwesinye isigameko sobugebengu okuthe uma esondela kuyona abebephakathi bavulela ngenhlamvu bedubula bebhekisa kuyena washona kusalindwe ukuba athole usizo. Le moto abeyivimba kusolakala ukuthi beyisetshenziswe ngabaphangi abadune kwesinye sezitolo zendawo KwaDukuza. 

UNgqongqoshe uHlomuka uzwelane kakhulu nabebesondelene nomufi ngokudlula kabuhlungu emhlabeni kothandiweyo wabo. Unxuse ongaba nolwazi ngokubanjwa kwabenzi bobubi ukuba basondele emaphoyiseni. “Izigameko ezifuze lezi ngeke sizibekezelele lapha esifundazweni sethu saKwaZulu-Natal. Njengoba sibheke esikhathini sokuqala kwamaholidi okuphela konyaka isifundazwe sethu siwadinga kakhulu amaphoyisa ukugcina ukuphepha komphakathi. Sifisa basheshe babanjwe laba ababulale leliphoyisa ukuze babhekane nesijezo ngabakwenzile,” kusho yena.

UNkz Lindile Nhaca iMeya kuMasipala waKwaDukuza naye ukhalisane kakhulu nomndeni kamufi kanjalo nethimba lozakwabo emaphoyiseni abesebenza nalo ngokudlula komunye wabo kabuhlungu futhi esemsebenzini. Uncome umufi ngokuzikhandla emsebenzini wakhe kwazise ubesebenze njengephoyisa lomgwaqo KwaDukuza iminyaka engaphezulu kwewu-30. Naye uhlabe ikhwele lokushesha kubanjwe izigilamkhuba ukuze zibhekane nezono zazo.