MAGAYE CELE

LOYO owabe eyingwazi yeqembu labesifazane laseNingizimu Afrika iBanyana Banyanauncoma ukudlala ngokuzikhandla kwabadlali baleli qembu.

Loyo nguPortia Modise okwakubatshazwa kakhulu ikhono lakhe ngesikhathi engakawaphanyeki amakhokho emgibeni.

Le ngwazi ikhuluma kanjena nje kusanda kuba nezinkulumo eziningi ngemuva kokuba leli qembu lihluleke lancama ukuzibekisela indawo emidlalweni yama-Olympics muva nje.

Abaningi basole kakhulu umlolongi waleli qembu uDesiree Ellis bethi useqala ukuphelelwa ngamaqhinga.

Noma kunjalo ingwazi uModise uthi badinga ukushayelwa elikhulu ihlombe leli abadlali beBanyana Banyana ngendlela abahleli bekhombisa ngayo ukuzinikela.

“Badinga ukunconywa kakhulu abadlali baleli qembu ngenxa yokuthi ngaso sonke isikhathi bakhombisa ukuzimisela. Yikhona kanye ke lokhu okubenza bahluke kakhulu kwamanye amaqembu,” kubeka uModise.

Eqhuba uModise uthe kumele kukhunjulwe nokuthi leli qembu lenze kahle emidlalweni yeNdebe yoMhlaba yakamuva nje yabantu besifazane.

Wathi futhi yibona abangompetha bemidlalo yasezwenikazi lase-Afrika abayinqobe ngonyaka owedlule.

Ukuhluleka kweBanyana Banyana ukungena emidlalweni yama-Olympics kushiye abalandeli abaningi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika bedangele kakhulu.

Lokhu kungenxa yabadlali beqophelo eliphezulu iBanyana Banyana enabo futhi esebaziwa umhlaba wonke ngenxa yebhola eliseqophelweni elphezulu kakhulu abalidlalayo.

Yingakho nje abalandeli abaningi baseNingizimu Afrika bebebona sengathi kuzoba lula ukuthi leli qembu liye ukuyodlala le midlalo.

Umlolongi walo nowake waba ngumdlali walo ngaphambinilini uDesree Ellis uthe bakuzame konke kodwa kwaphika ukwenza.