MAGAYE CELE

UQHUBEKILE nokuvelela emdlalweni weMixed Martial Arts uNtando Zondi oneminyaka engu-26 yobudala futhi ngokudabuka ongowaseMandeni, KwaZulu Natal.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lo mshayisibhakela elwe impi yakhe yokuqala kwi-EFC okungeminye yemiqhudelwane emikhulu ezwenikazi lase-Afrika lonkana.

Kulolu hlobo lokulwa abasuke belwa bashayana ngayo yonke indle bayalwa noma sekukhona olele phansi.

Indlela alwe kahle ngakhona uZondi ishiye abantu abaningi bejabulile fuithi begculisekile kakhulu.

Ushaye abebhekene naye kabuhlungu wamnqoba kumzuliswano wokuqala okuyinto ejebulise kakhulu abalandeli bakhe ebebezomeseka.

UZondi odume kakhulu ngelika Zulu Warrior kukhona abanye asebeqale ukuthi bamteketise ngelokuthi nguFuture Champion.

Abanye balimisa ngesihloko elokuthi ubonakala ezokuba nekusasa eliqhakazile kakhulu kulo mdlalo ngenxa yekhono lakhe elingajwayelekile.

Kuthiwa usebalwa nabanye abalwi ababukwa kakhulu uma belwa.  UZondi uthe kuyinjabulo enkulu kuyena ukuthi azibandakanye kulolu hlobo lomqhudelwane.

Echaza uZondi ngokujabula kwakhe uthe : “Ngizizwa ngijabulile kakhulu ngokuthi ngithole ithuba eliyingqayizivele lokuthi nami ngibe yingxenye yalo mqhudelwane omkhulu kangaka. Ngichazwa ukuthi nje nami nginikeziwe ithuba elikhulu lokuba ngizibonakalise ngekhono lami kulo mdlalo.’’

Lona ngumzuzu uZondi athe akasoze awulibala empilweni yakhe ngoba kwenzeke into emjabulisile kakhulu.