MAGAYE CELE

INKAKHA yeBanyana Banyana esigijima eqenjini leJWU kwiligi yamantombazane yaseNingizimu Afrika, iHollywood Bets, ikhala ngegebe ethi likhona phakathi kwebhola lamantombazane lakuleli nelaphesheya kwezilwandle ikakhulukazi eNgilandi.

Loyo nguMpumelelo Nyandeni obalwa nabanye babadlali igama lakhe elingasoze lalibaleka uma kukhulunywa ngomlando webhola lamantombazane laseNingizimu Afrika.

UNyandeni uthi kukhulu okufanele kwenziwe yiNingizimu Afrika ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi liyancipha igebe elikhona phakathi kwebhola lamantombazane laseNingizimu Afrika nelaseNgilandi.

UNyandeni ubekade eyisimenywa esiqavile eqenjini lamantombazane laseNgilandi, iBrentford okuyilapho athi ufunde lukhulu khona waphinda wahlonza ukuthi likhulu igebe elikhona phakathi kwalawa mazwe womabili uma kukhulunywa ngebhola lamantombazane.

Echaza ngalokhu uMpumi Nyandeni uthe: “Liselikhulu igebe elikhona phakathi kwebhola lamantombazane laseNingizimu Afrika uma uliqhathanisa nebhola lamantombazane laseNgilandi. Kodwa lokhu uma singasebenza ngokuzikhandla ukhona umehluko ongabonakala ebholeni lethu lamantombazane.’’

UNyandeni uthe kodwa kuningi okumele kuqale kulungiswe uma kuya ngokuthi inhlangano eyengamele ibhola kuleli iSouth African Football Association (SAFA) izimisele ngokuthi kube khona okwenziwayo ngenhloso yokuvala igebe phakathi kwalawa mazwe.

Okunye kwakho uNyandeni uthe kumele kubuyekezwe indaba yemali. “Incane imali etholwa ngabadlali bethu kuleli lokho kumele kulungiswe,’’echaza.

UNyandeni wayeyibamba kuthule esiswini ngokubambisana kanye nozwakwabo ababekade bedlala ingcwenga yebhola. 

Phakathi kwabo kubalwa inxele lakwabo, uVeronica Phewa, uNokwe Mathloe kanye noPortia Modise owaze waqokwa njengomdlali ovelele futhi obedlula bonke ezwenikazi i-Afrika.