MAGAYE CELE

INSEPHE yeqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal, AmaZulu Football Club, ephethwe ngusomabhizinisi odumile waseThekwini, uMnuz Sandile Zungu ifuna leli qembu libhukule lenze ezibukwayo emidlalweni yalo embalwa esisele ngaphambi kokuba kugoqwe isizini yeDSTV Premiership ka-2022/2023.

Insephe okukhulunywa ngayo lapha nguGeorge Maluleka obalwa nabanye babadlali abambalwa baleli qembu asebenesipiloyoni esikhulu sokugijima kwiPremier Soccer League (PSL).

UMaluleka oyibamba phakathi nenkundla kuthule umoya noke waba semabhukwini ezingqungqulu zaseGoli, iKaizer Chiefs uthi kumele nakanjani abadlali baleli qembu babonakale benza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leli qembu linyusa amasokisi.

Ngokusho kwakhe uMaluleka ukholwa ukuthi leli qembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal linabo abadlali beqophelo eliphezulu futhi abanamava enele okuthi bangakwazi ukuthatha leli qembu balibeka endaweni efanele uma kusongwa isizini.

Echaza ngalokhu uMaluleka oke wagijima futhi nakwiMamelodi Sundowns eyake yaba ngompetha beCaf Champions League uthe ukholwa ukuthi abadlali leli qembu elinabo bangakwazi ukufeza umsebenzi odingekayo.

“Leli qembu mina ngikholwa ukuthi linabo abadlali abangakwazi ukuthi befeze umsebenzi ofanelekile. Uma ke kunjalo kumqoka ke ukuthi lokho kuphinde kubonakale nangaphakathi enkundleni,’’usho kanjena.

USuthu olubalwa namanye wamaqembu amadala eNingizimAfrika nanomlando omude nonothile kuleli asanda kugudluza umlolongi walo esikhundleni, uRomain Folz lase libuyisela esigqikini esishisayo, u-Ayanda Dlamini.

UMaluleka uthe abadlali baleli qembu kumele babhukule benze noma yini esemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leli qembu alizitholi lisengozini yokuthi ligawulwe yizembe uma sekusongwa isizini.