Isithombe: Usivikelile isicoco sakhe se-flyweight uNkosingiphile “T-Price Sibisi, usigcinile isicoco sakhe ngemuva kokunqoba ngesinqumo esihlukanisiwe ebhekene noFrank “The Tank” sotomela, empini ebishubile ebobanjelwe e-Estcourt, KwaZulu-Natal, ngomgqibelo ebusuku.

Le mpi iqala ngasasasa elikhulu njengoba izethameli bezimi ngezinyawo kusukela esigabeni sokuqala kuze kube sekugcineni. Ezigabeni ezine zokuqala, uSibisi ubonakale elawula impi ngobuhlakani, esebenzisa ijabhu eqinile ukugcina uSotomela ekude, ngesikhathi ephinde enze imbangi yakhe iphuthelwe kaningi nge left hook yakhe eyaziwayo. Umphetha uphinde washaya ngamashothi aqondile phakathi nendawo, eqoqa amaphuzu ngendlela enembile.

Nkenkanti impi iqhubeka, uSotomela naye ukukhombisa ukuzimisela okukhulu. Ngemuva kwezigaba eziyisithathu, iqembu lakhe lamkhuthaza ukuthi anyuse umfutho njengoba kubonakala sengathi basemuva kumaphuzu. Lokho kwaholwela ekutheni uSotomela aqale ukucindezela kakhulu, ephoqelela umpetha ukuthi alwe ahlehla.

Ukuya esigabeni sesishiyagalolunye, uSotomela wabonakala ethola amandla amasha, elawula impi ngezinyawo zakhe futhi eqhubeka nokuhlasela.

Esigabeni seshumi nambili, uSibisi wabonisa isibindi esikhulu nokubekezela. Umphetha wasebenzisa amakhono akhe okubhokisa, isikhathi esihle nokunemba kokushiya ukuze anqobe ngokusobala esigabeni sokugcina, eqinisa amathuba akhe okunqoba.

Ekugcineni amajaji akhiphe isiqumo esihlikanisiwe, esinikeze ukunqoba kuSibisi ngemuva kwemiphumela ehlukene yamaphuzu, eqinisekisa ukuthi umpetha ugcina isicoco sakhe saseNingizimu Afrika esigabeni se-flyweight.

Umphathi kaSibisi, uMnuz Colin Nathan, naye uveze ukuthi ukubala kwakhe okungekho emthethweni kubonisa ukunqoba kukampetha ngamaphuzu angu-114 kuya ku-112.