Izithombe: Intsha ikhombisa amathalente ayo ngokuqhudelana kulenkundla entsha ngemidlalo enhlobonhlobo.
Intatheli yeSivubela Intuthuko
Umphakathi weseGroutville ube nesizathu sokujabula ngesikhathi kudluliswa ngokusemthethweni iNkundla Yezemidlalo yaseGroutville, okuyingqalasizinda ebilindelwe isiskhathi eside futhi okulindeleke ukuthi ilethe amathuba amatsha entsheni kanye nomphakathi wonkana. Lo mcimbi uqoqa amalungu omphakathi, abaholi bendawo, amaqembu ezemidlalo kanye nentsha, bonke behlangene ukuzobungaza ukuvulwa kwale nkundla entsha.
Le nkundla entsha yakhiwe ngenhloso yokuthuthukisa ezemidlalo emphakathini, inikeze indawo ephephile nenhle ibhola likanobhutshuzwana, i-netball, kanye neminye imidlalo yomphakathi. Ngaphezu kwenkundla yokudlala, iphinde ifake izindawo zokuhlala ababukeli, indawo yokuzilolonga, kanye nendawo evulekileyo yokwenza imicimbi yomphakathi, okuhlanganisa imidlalo yezikole, imincintiswano yomphakathi, kanye nemihlangano yompakathi.
Umcimbi wokudluliswa kwenkundla uphethe ngemidlalo yobungani ye-netball nebhola likanobhutshuzwayo, lapho amaqembu avela kumawadi 9,10,11,12,18,24, kanye no-29 abambe iqhaza. imidlalo ibihlelwe ngenhloso yokuhlanganisa imiphakathi, kanya nemihlangano yomphakathi.
Ngaphezu kwemidlalo, kudluliselwe nezimpahla zokuzilolonga okubhalwe kuzo amavest, amabhola ebhola likanobhutshuzwayo, amabhola e-basketball, kanye ne- netball. Lezizinto zizosiza ukuqhubekisela phambili izinhlelo zokuqheqhesha kanye nokuthuthukisa amakhono entsha, kuqinisekiswe ukuthi inkundla isetshenziswa ngokugcwele.
Abaholi bendawo bagcizelele ukuthi le nkundla izosiza kakhuli ekunciphiseni izinselelo zompakathi, ikakhulukazi ngokunikezela intsha indawo ephephile yokuchitha isikhathi, kude nezinto ezifana nobugebengu nikusetshenziswa kwezidakamizwa. Baphinde bathi le nkundla izokhuthaza ukutholakala kwamathuba emisebenzi, njengoba kuzodingeka abaqeqeshi, abahleli bemicimbi, kanye nabanye abasebenzi bokuphatha.
Ngokuhambisana nomoya womcimbi, ukunqoba akuzange kugcinzelelwe kakhulu. Imidlalo igxile ekukhuthazeni ukuziphatha okuhle kwezemidlalo, ubungani, kanye nokwakha ubumbano phakathi kwabantu. Amaqembu abehloniphana futhi aqhudelana ngendlela enobungani, okukhombise ukubaluleka kokusebenzisana emphakathini.
Amalungu omphakathi aveze injabulo ngale nkundla entsha, ethi izovula amathuba entsheni, ikhuthaza amathalente amasha, futhi iqinise ubumbano phakathi kwabahlali. Abanye baveze ukuthi le nkundla izosiza ekutholeni abadlali abasha abangase bagcine sebemele izifunda noma izwe esikhathini esizayo.
