MAGAYE CELE

UMDLALI osenesipiliyoni ebholeni likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika uncoma umdlali osamncane ongowaKwaMashu ngokuzalwa.

UThabo Matlaba weLamontville Golden Arrows uthi uyethembisa kakhulu umdlali waleli qembu osamncane uSanele Radebe odume ngelikaFigo noneminyaka engu-23 yobudala.

Lo mdlali osanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu laleli qembu kunconywa indlela adlala ngayo ngokuzikhandla okukhulu.

UMatlaba owake wadlalela izingqungqulu zaseGoli i-Orlando Pirates neqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana uthi ubonakala ezokuba nekusasa eliqhakazile uFigo.

Uthi kumele akhuliswe ngendlela efanele kuqinisekiswe ukuthi konke ukwenza ngendlela efanele.

Ekhuluma ngalo mdlali uMatlaba uthe : ” Ungumdlali omuhle kakhulu. Indlela adlala ngayo ngokuzikhandla okukhulu kwenza kubonakale ukuthi uzokhula abe ngumdlali omuhle kakhulu. Uma eqhubeka nokudlala kanjena uzohamba ibanga elide ebholeni.”

UMathlaba owayekhona ngesikhathi iqembu lesizwe lebhola lezinyawo iBafana Bafana idlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2010 uthi ukholwa ukuthi uFigo uzogcina eyitholile indawo yakhe naye eqenjini lesizwe.

Uthi akudingayo nje okwamanje ukuthi aqhubeke ngokudlala ngokuzimisela njalo uma enikezwe ithuba lokuba adlale.

Uthe okuhle ukuthi umlolongi wamanje weBafana Bafana uHugo Broos ongowaseBelgium ngokudabuka akakhethi iphela emasini njalo uma ekhetha iqembu labadlali okumele liyodlala namanye amazwe.

“Indlela umlolongi weBafana Bafana uHugo Broos abonakala ekhetha ngayo abadlali bakhe akukho nokuncane nje ukungabaza lokhu ngokuthi uyogcina embonile uFigo. Lokhu kungaba yinto enhle kakhulu nengamnikeza ukuzethemba okukhulu naye uFigo,’’ usho kanjena.