OMUNYE wabasubathi abahlonishwayo kakhulu esiFundazweni saKwaZulu Natal, nosezakhele igama elikhulu kwezokusubatha uthi kumele bathuthukiswe abasubathi abavela ezindaweni zasemakhaya.
Umsubathi okukhulunywa ngaye lapha uBongumusa Mthembu obalwa nabanye babasubathi abahlonishwayo kakhulu eNingizimu Afrika kanjalo nasezwenikazi lonke lase-Afrika ngenxa yekhono lakhe nezinto asehlomule ngazo selokhu aqala ukuvelela kwezokusubatha.
UMthembu ukhuluma ngokubaluleka kokuba kuthuhukiswe abasubathi abavela ezindaweni ezisemakhya nje kufanele njengoba naye ngokudabuka engoaBulwer okuyindawo yasemakhaya.
”Ngikholwa ukuthi kukhona okumele kwenziwe ngenhloso yokufukula abasubathi abavela ezindaweni ezisemakhaya. Iqiniso elimsulwa ukuthi baningi kakhulu abanantu abasha abasezindawenio ezisemakhaya abanenkhono elimangalasiayo uma kukhulunywa ngezokusubatha. Kodwa inkinga nje ukuthi aakekho umuntu ozimisele ngokuthi abalekelel baze bathole intuba yokuthi nabo bagcine sebephumelele,”usho kanjena.
Uthe ukholwa ukuthi kukhona izinhlelo ezihlabahlosile okumele zenziwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka.
”IsiFundazwe saKwaZulu Natala singagcina sibalwa nezinye zezifundazwe ezinabasubathi beqophelelo eliphezulu kakhulu inqobo nje uma kungaqisekiswa ukuthi bayathuthukiswa abasubathi abavela ezindaweni ezisemakhaya,”usho kanjena.
Uthe naye uzibophezele kakhulu ekutheni kube khona akwenziwayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ngampela lokhu kuyenzeka ngaphandle kwezinkinga.
”Nami ngifuna ukuthi kube khona iqhaza engilibambayo ukuze lokhu kugcine kubonakala kwenzeka ngaphandle kwenkinga,”usho kanjena.
Uthe lolu hlelo uma lungasee luqalwe manje nakanjani eminyakeni ezayo iKwaZulu Natal kungabe kukhulunywa udaba lokuthi seyikhiqze inqwaba yabasubathi beqophelo eliphezulu abavela ezindaweni ezisemakhaya.
UMthembu usenqobe iCommrades Marathona amahlandla amathathu eminyekeni eyehlukene.
