MAGAYE CELE

UKUJABULELE kakhulu ukuthola ingqayizivele yethuba lokuthi abe yingxenye yeDurban’s Super Giants kulandela ukuthengwa yileli qembu endalini yabadlali yesizini yesine yeBetway SA20 umshwibi wamaProteas, uKwena Maphaka.

Lo mdlali (19) osamncane kodwa usezakhele udumo olukhulu ngenxa yekhono lakhe.

Lo mdlali ngaphambilini ubekade esemabhukwini ePaarl Royals kuma sizini amabili edlule, uthengwe yiDSG ngo-R2.3 million emcimbini obuseGoli, ngoLwesibili.

Akadlalanga ngesizini yakhe yokuqala kwiRoyals ngo-2024 kodwa ubonakalile kweyesibili edlalwe ekuqaleni kwalo nyaka, lapho edlale khona imidlalo eyisishiyagalolunye, wathatha amawikhethi ayisithupha.

Njengoba esezodlulela eThekwini kulo mqhudelwano ozoqala ngoDisemba 26, uzimisele ngokunyukela kwelinye izinga.

“Ngijabule kakhulu. Ngicabanga ukuthi kuzoba inselelo enhle kakhulu kimina ukuba yingxenye yeDSG. Nginezinkumbulo ezinhle zokudlala ikhilikithi ye-T20 eThekwini. Umdlalo wami wokuqala kuleli wawuseThekwini futhi ngenza kahle kakhulu. Ngibheke ngabomvu ukubuyela eKingsmead, futhi ngiyethemba ukuthi ngizokwazi ukwenza kahle eqenjini,” kusho uMaphaka.”

Ukuba yingxenye ye-SA20 kusho lukhulu kimina. Lona umqhudelwano omkhulukazi wokuvumbulula abadlali bakuleli abasebancane abanekhono futhi ngibe nenhlanhla yokuba yingxenye yawo phambilini. Ngiyethemba ukuthi ngizodlala kangcono kakhulu kule sizini.’

Indali yanonyaka ye-SA20 ibinesasasa njengoba kube nabadlali ababili abaphule irekhodi lokuthengwa ngemali enkulu elaliqoshwe ngo-2022, ngesikhathi uTristan Stubbs ethengwa yiSunrisers Eastern Cape ngo-R9.3million.

I-DSG iqale yathenga obengukaputeni weSunrisers, u-Aiden Markram, ngo-R14 million kodwa kudlule isikhashana uDewald Brevis waqopha irekhodi elisha ethathwa yiPretoria Capitals ngo-R16.5 million.