MAGAYE CELE

LIBUYILE ithemba lokuthi umdlali wesiswini weBafana Bafana, uSphephelo “Yaya” Sithole, angabuyela eqenjini lesizwe maduze, njengoba eseqalile ukudlalela iqembu lakhe phesheya.

USithole (26) waphuka umlenze ngoSepthemba, nyakenye, edlalela iBafana kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations neSouth Sudan.Akabange esakwazi ukuqhubeka nokudlalela iqembu ayebolekiswe kulona ngesizini edlule, iGil Vicente.

Ubuyele eqenjini lakhe, iCD Tondela, ngesikhathi lilungiselela ukuqala kwesizini ka-2025/26 kodwa wachitha isikhathi eside ezilolonga yedwa.

Udlale okokuqala esuka ebhentshini ngesikhathi benqotshwa yiBenfica ngo 3-0 emdlalweni weligi ngo-Agasti 23. 

Uwuqalile umdlalo wakamuva bedlala ngokulingana ne-Estoril Praia ngeSonto.

Umlolongi wakhe weTondela, u-Ivo Viera, uthe nakuba kusazothatha isikhathi ukuthi uSithole abuyele ezingeni lakhe kodwa kuyajabulisa ukumbona enkundleni ngemuva kwesikhathi eside engadlali.

“Lona ngumdlali ohlale cishe isikhathi esingangonyaka engadlali. Akakafiki ezingeni lakhe elijwayelekile kodwa usebenza kanzima futhi kukhona okuhlukile akulethayo eqenjini,” kusho uBroos. 

ITondela isemsileni esigabeni esiphezulu, iLiga Portugal, ngephuzu elilodwa emidlalweni emine.

Ukubuya kukaSithole kufanele ukuthi kumhlabe umxhwele nomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kwazise ubengomunye wezethenjwa zakhe ngaphambi kokulimala.

Njengoba engekho kwiBafana, endaweni yakhe sekujwayele ukudlala uBathusi Aubaas ebambisene noTeboho Mokoena enkabeni yenkundla.

Nakuba uSithole kade engekho eqenjini leBafana Bafana ebilikade lidlala imidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho neNigeria kungenzeka abuye kwelandelayo uma selibhekene neZimbabwe neRwanda ngo-Okthoba.

Ngaphandle kwalokho, usanethuba lokulwela indawo eqenjini elizodlala kwi-Africa Cup of Nations ezoqala ngoDisemba, eMorocco.