UNENTSHISEKELO enkulu yokubuyela eqenjini lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika iBafana Bafana uBongokuhle Hlongwane.
Lo mgadli osefomini enhle kakhulu eqenjini lakhe lase-United States of America (USA) iMinosta United egijima esigabeni esiphezulu sakuleliya lizwe esibizwa ngokuthi yiMajor League Soccer (MLS).
Lo mgadli ngokudabuka ongowaKwaNxamalala eSweetwaters, eMgungundlovu uthi kungamjabulisa kakhulu ukuphinde abizelwe kwiBafana Bafana.
Lo mgadli odume kakhulu ngelikaSaniza ukhuluma kanjena nje kuzokhumbuleka phela ukuthi sekunesikhathi eside agcina ukubonakala kuleli qembu likaHugo Broos ongumlolongi weBafana Bafana nongowaseBelgium ngokudabuka.
UHlongwane oneminyaka engu-24 ubudala ngesizini edlule ukwazile ukuthi asize iqembu lakhe ngokulishayela amagoli angu-11.
“Kungangijabulisa kakhulu ukuthi ngiphinde ngibe yingxenye yeqembu lesizwe laseNingizimu Afrika iBafana Bafana. Ngiyazi ukuthi lokhu kungenzeka kodwa konke kuncike ekutheni mina ngizimisela kangakanani,” usho kanjena.
Uthembise ukuthi uzoqhubeka nokuthi adlale ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ukuze aqinisekise ukuthi igama lakhe liphinde libizelwe eqenjini lesizwe futhi.
Uthe ukholwa ukuthi kusakuningi kakhulu asangakwenzela iBafana Bafana uma kukhulunywa ngokuqhululwa kwamagoli.
Muva nje umlolongi weBafana Bafana uHugo Broos ubonakala emshaya ngesithende lo mgadli.
Ubufakazi balokhu ukuthi akazange ambizele eqenjini leBafana Bafana elibonakale lenza kahle kakhulu emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations (Afcon) obukade uqhubeka e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka owedlule.
