MAGAYE CELE

UNENTSHISEKELO yokudlalela iqembu lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, umdlali weseswini weqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal, iRoyal Am ephethwe nguShaun Mkhize ongusomabhizinisi owaziwayo waseThekwini.

Umdlali okukhulunywa ngaye lapha nguShadrack Kobedi odume kakhulu ngesiteketiso sakhe sikaShadow. 

Lo mdlali iqembu lakhe eligijima esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership uthi ukholwa ukuthi kuyinto emqoka kakhulu kunoma yimuphi umdlali webhola waseNingizimu Afrika ukubonakala edlubhe ijezi leqembu lesizwe iBafana Bafana.

Uthi kanjalo naye lokhu kuyinto ayilangazelele kakhulu kunakuqala. “Ukukhuluma iqiniso nje ayikho into enginentshisekelo yayo edlula ukuthi ngibe umdlali ophelele oqokelwa eqenjini lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana. Ngikholwa ukuthi lokhu kuzokwenzeka inqobo nje uma nami ngibonakala ngiwumdlali owenza kahle kakhulu uma ngithola ithuba lokudlala eqenjini lami,’’usho kanjena uKobedi.

Lo mdlali uthi uke walithola ingqayizivele yethuba lokuba amele iqembu lesizwe iBafana Bafana ngonyaka owedlule. 

Leli thuba ulithole ngesikhathi iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana igadulisana nomakhelwane balo iLesotho kowobungane.

“Ukuqokwa kwami kwiBafana Bafana okokuqala ngqa ngesikhathi sidlala neLesotho kwaba yinto enkulu kakhulu kimina njengomdlali webhola likanobhutshuzwayo. Lokho kwanginikeza ithemba lokuthi ngingaba umdlali odlalela iBafana Bafana ngokuphelele ngibizelwe eqenjini njalo nje,’’usho kanjena.

Lo mdlali obalwa nabanye abadlala ingcwenga yebhola ngaphambilini uke wabonakala edlubhe ijezi leBloemfontein Celtic yasesiFundazweni saseFree State. Uke wabonakala futhi nemibala yeTS Sporting eyayigijima esigabeni seNational First division.