MAGAYE CELE

IZONYUKA imali okuzoklonyeliswa ngayo abasubathi abazokuba yingxenye yomjaho omkhulukazi waseNingizimu Afarika oba khona minyaka yonke iComrades Marathon.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiComrades Marathon Association (CMA) ngesikhathi ichaza kabanzi ngezinhlelo ezihlabahlosile ezimayelana nalo mjaho ozokuba khona nakulo nyaka.

Kulo nyaka iComrades Marathon izokube ingomhlaka-11 kuJune. Kulokhu lo mjaho obalwa neminye emikhulu emhlabeni nje jikelele uzokube usuka eMgungundlovu uze uphelele edolobheni iTheku.

Ezimnandi kubasubathi balo mjaho nezibenza ukuthi baqhilike izihlathi ukuthi kulo nyaka umsubathi ozoba yingqwele yalo mjalo uzokhala amuke nesamba sika-R500 000.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi lo mjaho uke wangabakhona eminyekeni eyedlule ngenxa yokuvumbuka kokhuvethe lweCovid 19.

Kuzokhumbuleka nokuthi ngonyaka owedlule owakhala wemuka nesicoco sokuhamba phambili kulo mjaho wagoduka nesamba semali esasilinganiselwa ku-R260 000.

Kuvele nezindaba zokuthi umsubathi okungenzeka aphule irekhodi elabekwa nguGethebe uzoklonyeliswa ngemali eyisigidi samarandi.

Kanjalo futhi nozophula irekhodi labesifazane elabekwa ngumsubathi weqophelo eliphezulu uVan Der Merwe naye uzoklonyeliswa ngesamba semali esifanayo.

Konke lokhu kubenza bazimisele kakhulu abasubathi abazoba yingxenye yalo mqhudelwano weComrades Marathon wakulo nyaka.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule ka-2022 umhlanganiso kubagijimi besilisa wanqotshwa ngumsubathi osezakhele igama elikhulu kwezokusubatha uTete Dijana.

Kwathi kwabesifazane khona umhlanganiso wadliwa ngu-Alexandra Morozova ngokuzalwa ongowaseRussia. 

Vele abasubathi baseRussia banomlando umuhle kakhulu uma kukhulunywa ngokunqoba izindondo ezahlukene emqhudelwaneni weComrades Marathon yaseNingizim Opinion Piece: If you can’t trust your gut, make sure you have cover for scopes and scansu Afrika.