MAGAYE CELE

UNENTSHISEKELO yokuyodlala emaqenjini amakhulu aphesheya kwezilwandle omunye wabadlali beMaritzburg United okuyiqebu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal eligijima esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership.

Umdlali okukhulunywa ngaye lapha nguBrian Hlongwa obalwa nabanye babadlali basesiFundazweni saKwaZulu Natal abanekhono elimangalisayo kakhulu uma bengaphakathi enkundleni.

Lo mdlali uthi eminyekeni ezayo angakujabulela kakhulu ukuthi azibone esekwelinye lamaqembu amakhulu akhona eNingizimu Afrika.

Kodwa okukhulu kakhulu uthi kungaba yizindaba ezinhle kakhulu kuyena uma kungenzeka ukuthi agcina esengumdlali welinye lamaqembu amakhulu aphesheya kwezilwandle noma ngabe yiliphi uthe akukhethile.

Echaza ngalokhu uHlongwa uthe: “Ukukhuluma iqiniso nje eminyakeni embalwa ezayo ngizibona ngigijima kwelinye lamaqembu amakhulu aphesheya kwezilwandle. Lokho ngikholwa ukuthi kungenzeka inqobo nje uma ngiqhubeka nokudlala ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi.’’

UHlongwa ngaphambilini uke wadlalela iqembu iDurban Football Club ebidlala kwiSafa KZN Motsepe League.

Usuke kwiDurban Football Club maqede wase ejoyina izingqungqulu zaseGoli i-Orlando Pirates kaDkt Irvin “Duke” Khoza.

Uke wadlalela neqembu iHighlands Park kanye neqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal eligijima kwisigaba seMotsepe Championship, uThongathi.

Lo mdlali osezakhele ugazi olukhulu kubathanmdi bebhola likanobhutshuzwayo basesiFundazweni saKwaZulu Natal uthi ukhule ebukela kubadlali okubalwa kubona uHappy Jele owayekade engukapteni weBucs nabanye abaningi asebenesipiliyoni uma kukhulunywa ngebhola likanobhutshuzwayo.

Lo mdlali uthe elinye lamaqembu adlala phesheya kwezilwandle azifelayo ngalo kakhulu yiReal Madrid ebalwa namanye wamaqembu anomlando omude nonothile uma kukhulunywa ngokunqoba inqwaba yezicoco.