MAGAYE CELE

IQEMBU lasesiFundazweni saKwaZulu Natal iLamontville Golden Arrows lithi lisazoqhubeka nokukhiqiza abadlali njengoba belivele lenza ngaphambilini.

Lesi sethembiso senziwe ngomunye wabaqeqeshi baleli qembu likaManto Madlala, uVusimuzi Vilakazi odume kakhulu ngelikaKanu, ololonga leli qembu ngokubambisana nozakwabo owayegijima naye kudala owayengumgadli, uMabhuti Khenyeza owayengalibheki ipali.

UVilakazi ukhuluma kanjena nje yingoba sebebaningi kakhulu abadlali baleli qembu asebelishiyile ngaphambilini.

Muva nje lisanda kushiywa yisethenjwa salo ebese sifana nomgogodla walo uPule Mmodi ogcine esejoyine izingqungqulu zaseGoli, iKaizer Chiefs elolongwa nguMolofe Ntseki.

Leli qembu liphinde lahlukana nomdlali wesobunxele uDivine Lunga kanye noNtsako Makhubela naye odlala ibhola elinenkosi phakathi.

Yize bonke laba badlali sebelishiyile leli qembu kodwa uVilakazi uthi basazoqhubeka nokubakhiqiza ngesikhathi esizayo.

Uthi akangabazi nje nakancane ukuthi leli qembu lisazoqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle wokukhiqiza abadlali abahle ebholeni laseNingizimu Afrika.

Echaza ngalokhu uVusimuzi Vilakazi uthe: “Iqembu lethu iLamontville Golden Arrows lisazoqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle wokukhiqiza abadlali beqophelo eliphezulu. Lona ngumsebenzi iqembu lethu elikwaziyo ukuthi liwenze futhi ngenkulu impumelelo.’’

Eqhuba uKanu uthe yingakho nje bengakhathazeki njalo uma kukhona abadlali abahambayo kuleli qembu ngoba lokho kusuke kubanikeza elinye ithuba eliyingqayizivele lokuphinde bakhe abanye abadlali nabo abazogcina bevelela eNingizimu Afrika yonkana.

Baningi abanye abadlali abanedumela elikhulu ngaphambilini asebeke bayishiya iLamontville Golden Arrows.