MAGAYE CELE

UMLOLONGI weqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal uncoma ukuthuthuka kwebhola lezinyawo labantu besifazane baseNingizimu Afrika.

Loyo nguDelisile Mbatha ongumqeqeshi weqembu lebhola labesifazane beRoyal Am egijima esigabeni esiphezulu sebhola lamantombazane akuleli iHollywoodbets Super League.

UMbatha ungomunye wezinkakha ezadlala kakhulu zimele iqembu lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika iBanyana Banyana.

Le nkakha ithi kuyajabulisa kakhulu ukubona kufakwa inqwaba yemali ebholeni labantu besifazane bakuleli.

Uthe akufani nangezikhathi zabo lapho isimo sasibonakala sinzima kakhulu imali abadlali bamantombazane beyizwa ngendaba.

Echaza ngalokhu uMbatha uthe: “Kuyajabulisa kakhulu ukubona kufakwa imali eningi ebholeni labantu besifazane baseNingizimu Afrika. Iqiniso lithi imali iyadingeka kakhulu ebholeni labantu besifazane baseNingizimu Afrika ngakho ke kumele ifakwe.’’

UMbatha ukhuluma kanjena nje inhlangano eyangamele ibhola emhlabeni iFifa isanda kumemezela ukuthi bonke abadlali bamantombazane abazoba ingxenye yeNdebe yoMhlaba bazogixatshezwa ngemali engu-R500 000 umdlali ngamunye.

Iningi kakhulu imali ezogcina itholwa ngamaqembu azobonakala enza kahle kakhulu kulo mqhudelwano weNdebe yoMhlaba.

Konke lokhu uMbatha uyakuncoma kakhulu uthi kuyinto enhle kakhulu nejabulisayo. 

“Kuyizindaba ezimnandi kakhulu ukubona ukuthi kunemali eningi kangaka ezofakwa ebholeni lezinyawo labantu besifazane. Lokhu kusho lukhuni ngokuthuthuka kwebhola labantu besifazane eNingizimu Afrika nasemhlabeni nje jikelele.’’

Nangesikhathi iBanyana Banyana inqoba imidlalo yase-Afrika inhlangano yebhola lakuleli iSouth African Football Association (SAFA), yagixabeza umdlali ngamunye ngo-R400 000.