MAGAYE CELE

USEZOBONAKALA edlubhe ijezi leVenda Football Club umdlali webhola likanobhutshuzwayo waseHammarsdale, esiFundazweni saKwaZulu Natal, uSicelo Mkhize obese kuphele isikhathi eside engenalo iqembu agijima kulona ezingeni lebhola elikhokhelwayo.

UScelo Mkhize ubalwa nabanye babadlali basesiFundazweni saKwaZulu Natal abadlala ibhola elinenkosi phakathi nelidle kakhulu ngomjiko oya phambili.

Akathuki isisinga ebholeni elikhokhelwayo uMkhize kuzokhumbuleka phela ukuthi ngaphambilini uke wabonakala esemabhukwini AmaZulu Football Club aphethwe nguMnuz Sandile Zungu ongusomabhizinisi ohlonishwayo kulesi siFundzawe.

UMkhize uke wabonakala futhi edlubhe ijezi leJomo Cosmos ephethwe nguDkt Jomo Sono naye ongusomabhizinisi futhi oyingwazi yebhola likanobhutshuzwayo eyaziwayo eNingizimu Afrika yonkana nehlonishwayo ezwenikazi i-Afrika.

Kuvela izindaba zokuthi umlolongi weVenda Football Club egijima esigabeni seMotsepe Foundation Championship, uSimo Dladla odume kakhulu ngelikaGovuza uyena olande uMkhize ngoba ekholwa ukuthi mkhulu umsebenzi angabokala ewenzela leli qembu.

Lo mdlali kuvela ukuthi naye uzimisele kakhulu ngokuthi abonakale ewusizo olukhulu ku kilabhu asanda kuyijoyina.

Uthembise ukuthi uzokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi ubonakala esebenza ngokukhulu ukuzikhandla kanye nangokuzinikela ngenhloso yokusiza le kilabhu ukuze igcine isithole ithuba eliyingqayizivele lokuba ibalwe namanye amaqembu aseNingizimu Afrika agijima esigabeni esiphezulu sebhola likanobhutshuzwayo kuleli, seDSTV Premiership.

IVenda Football Club kuzokhumbuleka ukuthi isanda kumememezela ukuthi isibambe ufishi omkhulu uMacbethy Sibaya ozojoyina le kilabhu njengomunye wabalolongi bayo.Lokhu kusho lukhulu kule kolabu ukujoyinwa yingwazi yebhola likanobhutshuzwayo yaseNingizimu Afrika en