MAGAYE CELE

UBONGA uyanconcoza kubaphathi beqembu lakhe lasesiFundazweni saKwaZulu Natal ngokuqhubeka ngokumeseka ngaso sonke isikhathi umdlali obelimele.

Umdlali okukhulunywa ngaye lapha nguZukile Mkhize ongumdlali weRoyal Am egijima esigabeni esiphezulu sebhola likanobhutshuzwayo saseNingizimu Afrika, seDSTV Premiership.

Lo mdlali onekhono eliyisimanga uthi kube yisibusiso esikhulu kuyena ukuthi abaphathi beRoyal Am abazange bamlaxaze ngesikhathi esabhekene nengwadla yokulimala isikhathi eside kakhulu.

IRoyal Am kuzokhumbuleka ukuthi iphethwe ngusomabhizinisi odumilie nowaziwayo wasesiFundazwe saKwaZulu Natal, uShaun Mkhize.

Echaza ngalokhu lo mdlali uthe: “Kube yinto enkulu kakhulu kimina ukuba nabaphathi balolu hlobo abakwaziyo ukungeseka ngaso sonke isikhathi. Ukungeseka kwabaphathi beqembu lami angifuni ukuqamba amanga kube yinto enkulu kakhulu kimina.’’

Eqhubeka uMkhize uthi ufuna ukuqhubeka nokudlala ngokukhulu ukuzikhandla nangokuzimisela lokhu.

Lokhu uthi uzobe ekwenza ngoba nakhu efuna ukudlulisa ukubonga abaphathi baleli qembu ngokuhle abamenzele khona.

“Ngifuna ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngibabonge ngokuhle abaphathi bami ngoba nabo abazange bangidele ngesikhathi ngibhekene nobunzima bokuhlushwa ukulimala ngaso sonke isikhathi,’’usho kanjena echaza.

Uthi kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi uzogcina enekusasa elihle neliqhakazile kuleli qembu lakhe lasesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Uthi kuningi kakhulu asafisa ukuthi akuzuze naleli qembu. Ugcizelele kakhulu ukuthi abadlali babo banawo amandla enele okuba balethele leli qembu izinkomishi kwikhabhinethi lalo.

“Uma singase sibambisane sonke njengabadlali beRoyal Am anginakho nokuncane nje ukungabaza ngokuthi lukhulu kakhulu esingaluzuza,’’ephetha.