MAGAYE CELE

UTHEMBISA ukwenza konke okusemandleni akhe ngenhloso yokubuyisela iqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal kwelunoju uZipho Dlangalala.

UDlangalala ungumlolongi weqembu iMaritzburg United egawulwe yizembe ngesizini edlule ka-2022/2023.

Ukugawulwa yizembe kwaleli qembu kwaba yizindaba ezimbi kakhulu kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Yize kunjalo kodwa osebambe izintambo zokulolonga iMaritzburg United, uZipho Dlangalala uthi nakanjani bazokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi liyabuyela esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership ngesizini ezayo.

Ngesikhathi igawulwa yizembe iMartzburg United yayikade ilolongwa nguFadlo Davids ngaphambilini futhi wake waba ngumdlali walo leli qembu elinabalandeli abaningi kakhulu eMgungundlovu.

Echaza kabanzi ngokubuyela kwaleli qembu kwiDSTV Premiership uZipho Dlangalala uthe: “Njengeqembu leMartzburg United sizimisele kakhulu ngokuthi senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leli qembu liyabuyela esigabeni esiphezulu sebhola lezinyawo laseNingizimu Afrika seDSTV Premiership.’’

Ngokusho kukaZipho Dlangalala kumqoka kakhulu ukuthi leli qembu libajabulise abalandeli bebhola basesiFundazweni saKwaZulu Natal ngokuthi linqobe imidlalo yalo.

“Ukunqoba kwethu imidlalo eminingi kuyobe kuchaza ukuthi nakanjani leli qembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal liyabuyela kwisigaba seDSTV Premiership. Sizimisele nje sonke esikhona lapha kuleli qembu ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka uma sekusongwa le sizini esikuyona ka-2023/2024,’’ kugcizelela uDlangalala.

Lo mlolongi obalwa nabanye babalongi bebhola likanobhutshuzwayo asebezakhele igama elikhulu KwaZulu Natal uthi kumele kuqinisekiswe ukuthi amaqembu akulesi siFundazwe awaphumi kwisigaba seDSTV Premiership.

“Kumele amaqembu aKwaZulu Natal siqinisekise ukuthi awagawulwa yizembe kalula,’’echaza.