MAGAYE CELE

UNENTSHISEKELO enkulu yokuba yingxenye yemidlalo yasezwenikazi i-Afrika umdlali weqembu lasesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Umdlali okukhulunywa ngaye lapha ngu-Ethan Brooks ogijima eqenjini AmaZulu Football Club okungelinye lamaqembu amakhulu asesigabeni esiphezulu seDSTV Premiership.

Lo mdlali obonakala enekusasa eliqhakazile kakhulu uthi kungamjabulisa kakhulu ukuthi angasali ngaphandle uma iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana seyiyodlala imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ekuqaleni konyaka ozayo.

Ngokusho kwakhe kuyiphupho lakhe ukuthi abalwe nabadlali abangamashumi amabili nantathu bokugcina beBafana Bafana abayomenyezelwa nguHugo Broos ngonyaka ozayo.

Ekhuluma kabanzi ngalokhu uthe: “Kuyisifiso sami esikhulu ukuthi igama lami libizwe eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana. Ngiyathemba ukuthi nakanjani lokhu kuzokwenzeka.’’

Lo mdlali osezakhele ugazi kubalandeli abaningi bebhola likanobhutahuzwayo baseNingizimu Afrika uthi ukudlala ngokuzimisela kuphela okungadala ukuthi lifezeke iphupho lakhe.

Uthi ufuna ukuqhubeka nokwenza konke okusemandleni akhe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umlolongi weBafana Bafana uyalifaka naye igama lakhe.

“Ngikholwa ukuthi uma ngiqhubeka ngokudlala ngokukhulu ukuzimisela nakanjani angeke lisale igama lami ngaphandle. Ngifuna ukuthi ngibe yingxenye yale midlalo ngoba angikaze ngidlale kuyona ngaphambilini,’’kuchaza lo mdlali osamncane ngokweminyaka.

Eqhuba uthi ukholwa ukuthi lokhu kungasho lukhulu kuyena kuphinde futhi kumbeke nakwimephu yomhlaba.

“Ngifuna ukusebenzisa le midlalo ukuthi namanye amaqembu angibone. Lokhu ngikusho ngoba ngifuna ukuba umdlali ogcina ebalwa nabanye abagcina bewelile bayodlala phesheya,’’usho kanjena.