MAGAYE CELE

Isikhwishikhwishi somdlali webhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika liyavuma ukuthi ikhona ingcindezi ekubeni ngumdlali wezingqungqulu zaseGoli iKaizer  Chiefs.

Umdlali okukhulunywa ngaye lapha nguSibongiseni Mthethwa odume kakhulu ngelika-OX nosanda kuba semabhukwini eKaizer Chiefs kaKaizer Motaung.

Lo mdlali uthi inkulu ingcindezi yokuba umdlali waleli qembu elibalwa namanye anomlando omude nonothile ebholeni likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika.

Noma kunjalo kodwa uthi ayimkhinyabezi nje nakancane le ngcindezi ngoba uwuhlobo lomdlali owaziyo ukuthi yini ayifunayo empilweni yakhe.

Ekhuluma kabanzi ngale ngcindezi lo mdlali onekhono eliyisimanga uma esenkundleni uthe: “Ukukhuluma nje iqiniso elimsulwa ikhona ingcindezi ngokuba umdlali weqembu elikhulu njengaleli engikulona njengamanje. Kodwa okuyikhona okumqoka kakhulu ukubona iqembu engikulona lithola imiphumela engcono kakhulu ngaso sonke isikhathi.”

UMthethwa uthi uzimisele ukuthi enze konke okusemandleni akhe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ubalwa nabanye babadlali okusongwa isizini kubatshazwa indlela abadlale kahle ngakhona.

Uthe lokhu kuzokwenzeka uma ezoqhubeka nokuzimisela.

Ukhulume nangokubaluleka kokuba iqembu iKaizer Chiefs libonake liwugcina umgqigqo walo ngaso sonke isikhathi.

Lo mdlali ngokudabuka ungowaseMtshezi khona KwaZulu Natal.

Uqale kakhulu ukugqama ngesikhathi esesemabhukwini eStellies okungelinye iqembu eligijima kwisigaba iDSTV Premiership.

UMthethwa uneminyaka engu-29 yobudala kulo nyaka. Bekukade kucushwe ngaye eqenjini lebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana ebeliyodlala i-Africa Cup of Nations elilolongwa nguHugo Broos waseBlegium ngokudabuka.